Skip to Content

NgokukaJohane Isahluko 2

1 Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile ; wayekhona lapho unina kaJesu. 2 NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. 3 Kwathi ukuba lisweleke iwayini , unina kaJesu wathi kuye : Kabanalo iwayini. 4 UJesu wathi kuye : Mame, ungene ngani kokwami na ? Isikhathi sami asikafiki. 5 Wathi unina ezincekwini: Nayikuphi akusho kini anokwenza. 6 Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda , ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu. 7 UJesu wathi ezincekwini: Gcwalisani izimbiza ngamanzi; zazigcwalisa-ke. 8 Wayesethi kuzo: Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla; zayisa-ke. 9 Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini , engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi , umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye: 10 Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala , kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. 11 Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye. Abathengisi ethempelini 12 Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume , yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi. 13 Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. 14 Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali. 15 Wayesenza inkalivasi ngezintambo , waxosha bonke ethempelini , nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula, 16 wathi k wabathengisa ngamajuba : Susani lokhu lapha , ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana. 17 Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi : Ukushisekela indlu yakho kuyangidla. 18 Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na? 19 UJesu waphendula , wathi kubo : Bhidlizani leli thempeli , ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu. 20 Ngakho bathi abaJuda : Leli thempeli kwaba yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na? 21 Kepha wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. 22 Kuthe esevukile kwabafileyo , abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu. 23 Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini , abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo; 24 kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo , ngokuba wayebazi bonke, 25 nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu ; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.