Skip to Content

NgokukaJohane Chapter 11

1 Kwakukhona othile ogulayo , uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta. 2 UMariya kwakunguye owagcoba iNkosi ngamafutha , wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula. 3 Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula. 4 UJesu esekuzwile lokho wathi : Lokhu kugula akusikho okokufa , kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho. 5 Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. 6 Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula , wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo. 7 Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: Asibuye, siye eJudiya. 8 Abafundi bathi kuye : Rabi, abaJuda basand ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na? 9 UJesu waphendula wathi : Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini , akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. 10 Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku , uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye. 11 Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo : ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni. 12 Abafundi bakhe base bethi kuye: Nkosi, uma elele, uyakusinda. 13 Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo. 14 Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: ULazaru ufile; 15 ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho , ukuze nikholwe ; kepha asiye kuye. 16 Khona uTomase , othiwa uDidimu , wathi kubafundi abakanye naye : Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye. 17 Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni. 18 IBethaniya laliseduze neJerusalema , kungaba ngamastadiyu ayishumi nanhlanu. 19 Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo. 20 Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza , waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini. 21 Wayesethi uMarta kuJesu : Nkosi, uma ubukhona , umnewethu nga engafanga; 22 kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu , uNkulunkulu uzakukunika khona. 23 UJesu wathi kuye: Umnewenu uzakuvuka. 24 UMarta wathi kuye : Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina. 25 UJesu wathi kuye : Mina ngingukuvuka nokuphila ; okholwa yimi , noma efa, wophila. 26 Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa n aphakade. Uyakholwa yilokho na? 27 Wathi kuye: Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni. 28 Eseshilo lokho wamuka wabiza uMariya udadewabo ngasese , wathi: UMfundisi ukhona, uyakubiza. 29 Yena-ke ekuzwa lokho wasuka masinyane, waya kuye. 30 Kepha uJesu wayengakafiki emzini , kodwa wayesekuleyo ndawo uMarta amhlangabeza kuyo. 31 AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza , bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: Uya ethuneni ukuba akhale khona. 32 UMariya es efike lapho ekhona uJesu , embona, wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga. 33 Ngakho uJesu embona ekhala , nabaJuda abafika naye bekhala , wabubula emoyeni, wakhathazeka; 34 wathi: Nimbekephi na? Bathi kuye: Nkosi, woza ubone. 35 UJesu wakhala izinyembezi. 36 Ngakho-ke abaJuda bathi: Bheka, ukumthanda kwakhe okungaka. 37 Kepha abanye kubo bathi : Lo owavula amehlo empumputhe wayengekwenze yini ukuba yena lo angafi na? 38 Ngakho uJesu , ebubula futhi phakathi kwakhe , wafika ethu neni. Lalingumhume, kwakukhona itshe phezu kwawo. 39 Wathi uJesu: Susani itshe. UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine. 40 UJesu wathi kuye: Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa , uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na? 41 Balisusa-ke itshe . Kepha uJesu waphakamisa amehlo , wathi: Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile. 42 Bengazi mina ukuthi ungizwa njalo , kodwa ngenxa yesixuku esingiphahlileyo ngishilo lokho , ukuze bakholwe ukuthi nguwena ongithumileyo. 43 Esekhulume lokho wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: Lazaru, phuma. 44 Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: Mthukululeni, nimyeke ahambe. Umphakathi unquma ukumbulala uJesu 45 Khona abaningi kubaJuda ababezile ku Mariya bebona abekwenzile , bakholwa nguye. 46 Kepha abanye babo baya kubaFarisi, babatshela abekwenzile uJesu. 47 Ngalokho abapristi abakhulu nabaFarisi base bemema umphakathi , bathi: Siyakwenze njani na? Lo muntu wenza izibonakaliso eziningi; 48 uma simyeka njalo, bazakukholwa nguye bonke ; amaRoma ayakufika , asamuke indawo nesizwe. 49 Kepha othile wabo , uKayafase, engumpristi omkhulu walowo mnyaka , wathi kubo: Anazi lutho nina; 50 aniqondi futhi ukuthi kunilungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu , isizwe sonke singabhubhi. 51 Lokho kakushongo ngokwakhe , kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe; 52 kungengenxa yesizwe kuphela , kepha ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunklu abahlakazekileyo, babe munye. 53 Kusukela kulolo suku baceba ukuba bambulale. 54 Ngakho uJesu kabuyange esahamba obala phakathi kwabaJuda , kepha wamuka lapho , waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i -Efrayimi; wahlala khona nabafundi bakhe. 55 Lase liseduze iPhasika labaJuda ; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule. 56 Ngakho bamfuna uJesu , bexoxa bemi ethempelini , bethi: Nithini na ? Akayikuza nempela emkhosini na? 57 Abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukh ona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.