Skip to Content

NgokukaJohane Chapter 12

1 Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika , uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo. 2 Base bemenzela ukudla khona ; uMarta wayephaka , kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye. 3 UMariya wayesethatha ilitra lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu , wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe ; indlu yagcwala iphunga lamafutha. 4 Kepha uJuda Iskariyothe , omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela , wathi: 5 Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na? 6 Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso. 7 Ngakho uJesu wathi : Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami. 8 Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo. 9 Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho . Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela , kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo. 10 Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru, 11 ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu. UJesu ungena eJerusalema (Math. 21:1; Mark. 11:1; Luk. 19:29) 12 Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema, 13 bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli. 14 UJesu esefumene i mbongolo entsha wakhwela kuyo njengokulotshiwe ukuthi: 15 Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iza, ikhwele etholeni lembongolo. 16 Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye. 17 Ngakho safakaza isixuku esasinaye , lapho ebiza uLazaru aphume ethuneni , emvusa kwabafileyo. 18 Ngenxa yalokho isixuku saya samhlangabeza , ngokuba sase sizwile ukuthi wayesenzile leso sibonakaliso. 19 Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: Niyabona ukuthi anisizi lutho ; bheka, izwe lonke liyamlandela. UJesu ukhuluma ngokufa kwakhe 20 Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini. 21 Lawo-ke aya kuFiliphu waseBetsayida laseGalile , acela kuye, athi: Nkosi, sithanda ukubona uJesu. 22 UFiliphu weza wamtshela u -Andreya. Weza u -Andreya noFiliphu , basho kuJesu. 23 UJesu waphendula, wathi kubo: Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu. 24 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi. 25 Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho , nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade. 26 Uma umuntu engikhonza , akangilandele; nalapha ngikhona mina , soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo. 27 Kalokhu umphefumulo wami ulusizi , ngizakuthini na ? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu. 28 Baba, khazimulisa igam a lakho . Kwase kufika izwi livela ezulwini , lithi: Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise. 29 Ngakho abantu ababemi bezwa bathi : Beliduma; abanye bathi : Ingelosi ikhulume kuye. 30 UJesu waphendula wathi : Leli zwi alizanga ngenxa yami kepha ngenxa yenu. 31 Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe ; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa. 32 Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke. 33 Lokho-ke wakusho efanekisa ukufa okumfanele afe ngakho. 34 Ngakho isixuku samphendula sathi : Sizwile emt hethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade ; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na? 35 Wayesethi kubo uJesu : Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini . Hambani nise nokukhanya , ukuze ubumnyama bunganeh leli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi. 36 Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya , ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo. Ukwahlulelwa kwabaJuda ngokungakholwa kwabo 37 Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezinga ka phambi kwabo , abakholwanga nguye 38 ukuba izwi lika -Isaya umprofethi ligcwaliseke , alikhuluma lokuthi: Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na ? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na? 39 Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi: 40 Uphuphuthekisile amehlo abo , wayenza lukhuni inhliziyo yabo , funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise. 41 U-Isaya wakusho lokho , ngokuba ebona inkazimulo yakhe , ekhuluma ngaye. 42 Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni; 43 ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu. 44 Khona uJesu wamemeza wathi : Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo. 45 Obona mina ubona ongithumileyo. 46 Ngize ezwe ni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni. 47 Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi , lowo angimahluleli mina , ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe. 48 Ongalayo engawamukeli amazwi ami unomahlu lelayo; izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina. 49 Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami , kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni. 50 Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade . Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.