Skip to Content

NgokukaJohane Chapter 19

1 UPilatu wayesemthatha uJesu, wamshaya. 2 Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe , amembathisa ingubo ebubende; 3 aya kuye, athi: Bayede, nkosi yabaJuda! Ammukula. 4 UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuba angifumani cala kuye. 5 Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende . Wathi kubo uPilatu: Bhekani lo muntu! 6 Bathi bembona abapristi abakhulu nezikhonzi , bamemeza bathi: Mbethele, mbethele esiphambanweni! UPilatu wathi kubo : Mthatheni nina, nimbethele esiphambanweni, ngokuba angifumani cala kuye. 7 Kepha abaJuda bamphendula bathi : Sinomthetho thina ; ngalo mthetho ufanele ukufa, ngokuba ezenzile iNdodana kaNkulunkulu. 8 Kuthe uPilatu ezwa lelo zwi, kwayikhona esaba kakhulu, 9 wabuye wangena enqabeni, wathi kuJesu : Ungowaphi wena na ? Kepha uJesu kamphendulanga. 10 Khona wathi uPilatu kuye : Awukhulumi kimi na ? Awazi ukuthi nginamandla okukukhulula , nginamandla futhi okukubethela esiphambanweni na? 11 UJesu waphendula wathi : Ngabe awunamandla neze phezu kwami , ukuba awuwanikwanga ngaphezulu . Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu. 12 Ngalokho uPilatu wayefuna ukumkhulula . Kepha abaJuda bamemeza bathi: Uma ukhulula lona , awusiye umhlobo kaKesari ; osuka ezenza inkosi , umelene noKesari. 13 Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha. 14 Kwakungolokulungisela iPhasika kungathi ihora lesithupha . Wathi kubaJuda: Bhekani inkosi yenu. 15 Ngakho bamemeza bathi : Susa, susa, mbethele esiphambanweni ! Wathi kubo uPilatu : Ngibethele inkosi yenu na ? Abapristi abakhulu baphendula bathi: Asinankosi, uKesari kuphela. 16 Wayesemnikela kubo ukuba abethelwe esiphambanweni. Ukubethelwa nokufa nokumbelwa kukaJesu (Math. 27: 33; Mark. 15: 22; Luk. 23: 26) Bamthatha-ke uJesu, bahamba naye. 17 Waphuma ezithwalele isiphambano , waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha. 18 Bambethela khona nabanye ababili kanye naye ngalapha nangalapha, uJesu ephakathi. 19 Kepha uPilatu waloba isaziso , wasibeka esiphambanweni . Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA. 20 Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni , yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki. 21 Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu : Ungalobi ukuthi: Inkosi yabaJuda, kepha ukuba yena wathi: NgiyiNkosi yabaJuda. 22 UPilatu waphendula wathi: Engikulobile ngikulobile. 23 Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni , athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine , kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo , neyembe futhi . Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu. 24 Ngakho-ke akhuluma odwa, athi: Asingalidabuli, kodwa asilenzele inkatho yokuthi liyakuba ngelikabani , ukuze kugcwaliseke umbhalo othi : Babelana izingubo zami , benzelana inkatho ngesambatho sami . Lokho-ke akwenza amabutho. 25 Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. 26 Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona , wathi kunina: Mame, bheka indodana yakho. 27 Wayesethi kumfundi : Bheka unyoko . Kusukela kuleso sikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe. 28 Emva kwalokho uJe su, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: Ngomile. 29 Kwakubekiwe khona isitsha sigcwele uviniga ; khona bachoma ilula ligcwele uviniga othini lwehisopi, baliyisa emlonyeni wakhe. 30 Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga , wathi: Kufeziwe; wagebisa ikhanda, wafa. 31 Khona abaJuda , ngokuba kwakungolokulungisela , ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha , ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe. 32 Ayeseza-ke amabuth o, ayaphula imilenze yowokuqala neyomunye owayebethelwe naye. 33 Esefika kuJesu, ebona ukuthi usefile, kawayaphulanga imilenze yakhe; 34 kodwa elinye lamabutho lamgwaza ohlangothini ngomkhonto , kwaphuma masinyane igazi namanzi. 35 Obonileyo ufakazile , ubufakazi bakhe buqinisile ; yena-ke uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nikholwe nani. 36 Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi : Akuyikwaphulwa thambo lakhe. 37 Futhi omunye umbhalo uthi: Bayakumbheka abamgwazileyo. 38 Emva kwalokho uJosefa wase -Arimatheya, engumfundi kaJesu kepha ekufihla ngokwesaba abaJuda , wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wavuma-ke. Wayesefika, wasisusa isidumbu sikaJesu. 39 Kweza noNikodemu owafika kuye kuqala ebusuku , waletha ixube lenhlaka nomhlaba kungathi amalitra ayikhulu. 40 Ngakho base besithatha isidumbu sikaJesu , basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha njengesiko labaJuda lokumbela. 41 Khona ngakuleyo ndawo , lapho wayebethelwe khona esiphambanweni , kwakukhona insimu , nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo. 42 Bambeka lapho -ke uJesu ngenxa yolokulungisela lwabaJuda , ngokuba ithuna laliseduze.