Skip to Content

NgokukaJohane Chapter 20

1 Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafik a ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. 2 Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo : Bayisusile iNkosi ethuneni , asazi lapha beyibeke khona. 3 Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni. 4 Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni; 5 elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga. 6 Khona wafika noSimoni Petru emlandela , wangena ethuneni , wabona izindwangu zelineni zikhona, 7 neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni , kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo. 8 Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni , wabona, wakholwa; 9 ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanel e ukuvuka kwabafileyo. 10 Base bemuka abafundi, baphindela kubo. Ukuzibonakalisa kukaJesu 11 Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala ; esakhala walunguza ethuneni; 12 wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe , zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona. 13 Zona-ke zathi kuye: Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi. 14 Eseshilo lokho waphenduka , wabona uJesu emi , kepha wayengazi ukuthi nguJesu. 15 UJesu wathi kuye: Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na ? Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye : Nkosi, uma umsusile , ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina. 16 UJesu wathi kuye: Mariya! Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: Rabuni, okungukuthi: Mfundisi. 17 UJesu wathi kuye : Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba . Kepha yana kubazalwane bami , ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo , kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu. 18 UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi : Ngiyibonile iNkosi , nokuthi: Ishilo lokho kimi. 19 Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku , olokuqala lweviki , iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda , uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kinina. 20 Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi. 21 Khona uJesu wabuye wathi kubo : Ukuthula makube kinina . Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina. 22 Kwathi ukuba asho njalo , wabaphephetha, wathi kubo: Yamukelani uMoya oNgcwele. 23 Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe. 24 Kepha uTomase , omunye kwabayishumi nambili , othiwa uDidimu , wayengekho kubo mhla efika uJesu. 25 Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye : Siyibonile iNkosi . Kepha wathi kubo: Uma ngingaboni ezandleni zayo inxeba lezipikili , ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili , ngifake isandla sami ohlangothini lwayo , angisoze ngakholwa. 26 Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo . UJesu wafika iminyango ivaliwe , wema phakathi kwabo , wathi: Ukuthula makube kinina. 27 Wayesethi kuTomase: Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho , usifake ohlangothini lwami ; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo. 28 UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami! 29 UJesu wathi kuye : Ngokuba ungibonile , ukholiwe na ? Babusisiwe abakholwa bengabonanga. 30 Izibonakaliso ezinye eziningi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe , ezingalotshiwe kule ncwadi. 31 Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.