Skip to Content

NgokukaLuka Chapter 10

1 Emva kwalokho iNkosi yamisa abanye abangamashumi ayisikhombisa , yabathumela ngababili phambi kwayo emizini nasezindaweni zonke ebizakuya kuzo yona. 2 Yathi kubo : Ukuvuna kukhulu , kepha izisebenzi ziying cosana; ngakho-ke nxusani inkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo. 3 Hambani; bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi. 4 Ningaphathi sikhwama, nayika, nazicathulo, ningabingeleli muntu endleleni. 5 Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: Ukuthula makube kule ndlu. 6 Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo; kepha uma kungenjalo, kuzakubuyela kini. 7 Hlalani kuleyo ndlu , nidle, niphuze abanipha khona ; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu. 8 Nakumuphi umuzi eningena kuwo , benamukele, yidlani okubekwa phambi kwenu, 9 niphulukise abagulayo abakuwo , nithi kubo : U mbuso kaNkulunkulu usondele kini. 10 Kepha nakumuphi umuzi eningena kuwo , benganamukeli, phumelani ezitaladini zawo, nithi: 11 Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele. 12 Ngithi kini : Kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo suku kunakulowo muzi. Ukusolwa kwemizi engaphendukanga (Math. 11:20) 13 Maye kuwe Korazini ! Maye kuwe Betsayida ! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini , ngakube kade yaphenduka, ihlala ngesaka nangomlotha. 14 Kepha kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ekwahlulelweni kunakini. 15 Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na ? Uyakwehliselwa eHayidese. 16 Onizwayo nina uyangizwa mina ; onalayo nina uyangala mina ; ongalayo mina uyamala ongithumileyo. 17 Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula , bathi: Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho. 18 Wathi kubo: Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi. 19 Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho. 20 Nokho ningathokozi ngalokhu kokut hi omoya bayanithobela , kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini. UJesu uyamdumisa uYise (Math. 11:25) 21 Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele , wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba , ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo. 22 Konke ngikunikelwe nguBaba ; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani , kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena. 23 Waphendukela kubafundi bebodwa , wathi: Abusisiwe amehlo abona enikubonayo. 24 Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga. Umfanekiso womSamariya onesihawu (Math. 22:34; Mark. 12:28) 25 Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile , samlinga sathi : Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na? 26 Wathi kuso: Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani? 27 Saphendula sathi : Woyithanda iNko si uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho , nangawo wonke umphefumulo wakho , nangawo onke amandla akho , nangayo yonke ingqondo yakho , nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. 28 Wayesethi kuso: Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila. 29 Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu : Umakhelwane wami ngubani na? 30 UJesu waphendula wathi : Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko ; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele , zamhlubula izingubo , zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje. 31 Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela ; wathi embona , wamgwemela. 32 Kanjalo nomLevi, efika kuleyo ndawo embona, wamgwemela. 33 Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye ; wathi ukuba ambone, wamhawukela; 34 waya kuye , wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafu tha newayini , wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina. 35 Ngangomuso wakhipha odenariyu ababili , wabanika umninindlu , wathi kuye: M gcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami. 36 Ngumuphi ngokubona kwakho kula ba abathathu owaba ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na? 37 Sathi: Yilowo owamenzela isihawu . Wayesethi uJesu kuso : Hamba wenze njalo nawe. OMarta noMariya 38 Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile ; owesifazane othile , igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe. 39 Wayenodadewabo othiwa nguMariya , owahlala ngasezinyaweni zeNkosi , walizwa izwi layo. 40 Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile , ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize. 41 Kepha iNkosi yamphendula yathi : Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi. 42 Kodwa inye into edingekile ; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.