Skip to Content

NgokukaLuka Chapter 11

1 Kwathi ekhuleka endaweni ethile , esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye : Nkosi, sifundise ukukhuleka , njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe. 2 Wayesethi kubo : Nxa nikhuleka , anothi: Baba wethu osezulwini , malingcweliswe igama lakho ; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; 3 usiphe isinkwa sethu sezinsuku zonke imihla ngemihla; 4 usithethelele izono zethu , ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi. 5 Wathi kubo : Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo , aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu, 6 ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni , kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe; 7 yena-ke ophakathi aphendule athi : U ngangihluphi; sekuvaliwe emnyango , nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike, na? 8 Ngithi kini : Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe , nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo. 9 Ngithi kini : Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. 10 Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa , nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa. 11 Ngumuphi kini onguyise , oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi , ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; 12 uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? 13 Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele. Isono sokuhlambalaza (Math. 12:22; Mark. 3:20) 14 Wakhipha idemoni , laliyisimungulu; kwathi seliphumile idemoni , wakhuluma oyisimungulu; abantu bamangala. 15 Kepha abanye kubo bathi : Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni. 16 Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini. 17 Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo : Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu. 18 NoSathane, uma ehlukene yedwa , umbuso wakhe uyakuma kanjani na ? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule. 19 Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. 20 Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu , umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini. 21 Uma isiqhwaga sihlomile , silinda umuzi waso , impahla yaso ihlezi ngokuthula. 22 Kepha nxa onamandla kunaso esisukela , asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso. 23 Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza. 24 Nxa umoya ongcolileyo ephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula ; engakufumani uthi : Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo. 25 Uyafika-ke, ayifumane ishaneliwe, ihlotshisiwe. 26 Khona abesehamba , azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala. 27 Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo. 28 Kepha yena wathi : Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abaliz wa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze. Abafuna izibonakaliso (Math. 12:38; 16:1; Mark. 8:11) 29 Sekubuthana kuye izixuku , waqala ukukhuluma , wathi: Lesi sizukulwane siyisizukulwane esibi; sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona. 30 Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve , iNdodana yomuntu iyakuba njalo kulesi sizukulwane. 31 Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye namadoda alesi sizukulwane , iwalahle; ngokuba yavela emikhawulw eni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. 32 Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona ; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoJona. Imifanekiso yesibani (Math. 5:15; Mark. 4:21; Luk. 8:16) 33 Akakho othi esokhela isibani, asibeke esitha nangaphansi kwesitsha, kepha usifaka othini ukuba abangenayo babone ukukhanya. 34 Isibani somzimba siyiso lakho ; nxa iso lakho liphilile , umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama. 35 Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama. 36 Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso. UJesu usola abaFarisi nezazimthetho (Math. 23:23) 37 Esakhuluma, umFarisi wammema ukuba adle naye ; wangena, wahlala ekudleni. 38 UmFarisi wamangala ebona ukuthi kaqalanga ngokuhlamba engakadli. 39 Yayisithi iNkosi kuye : Manje-ke nina baFarisi nihl ambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi. 40 Ziwula, yena owalenza ingaphandle akalenzanga nengaphakathi na? 41 Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu , bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini. 42 Kodwa maye kinina baFarisi , ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu ! Benimelwe ukwenza lokhu , ningakuyeki nalokho. 43 Maye kinina baFarisi , ngokuba nithanda izihlalo ezipha mbili emasinagogeni nokubingelelwa ezigcawini zokuthengelana! 44 Maye kinina , ngokuba nifana namathuna angasabonakaliyo , nabantu abahamba ngaphezu kwawo bengawazi! 45 Wayesephendula omunye wezazimthetho , wathi kuye: Mfundisi, ngokusho lokho uyasijivaza nathi. 46 Kepha wathi : Maye nakinina zazimthetho , ngokuba nithwesa abantu imithwalo ethwaleka kalukhuni ! Nina-ke uqobo lwenu aniyithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu. 47 Maye kinina , ngokuba niyawakha amathuna abaprofethi , kanti oyihlo bababulala! 48 Ngalokho ningofakazi , nivuma imisebenzi yawoyihlo ; ngokuba bona bababulala, nina-ke niyawakha amathuna abo. 49 Ngenxa yalokho ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwathi : Ngiyakuthumela kubo abaprofethi nabaphostoli; abanye bayakubabulala, abanye babazingele, 50 ukuze kubizwe kulesi sizukulwane igazi labaprofethi bonke elachithwa kwasekusekelweni komhlaba, 51 kusukela egazini lika -Abela kuze kufike egazini likaZakariya owabulawa phakathi kwe-altare nethempeli . Yebo, ngithi kini : Lizakubizwa kulesi sizukulwane. 52 Maye kinina zazimthetho, ngokuba nisisusile isihluthulelo sokwazi ! Nina uqobo lwenu aningenanga, nabangenayo nabavimbela. 53 Kuthe ephuma lapho , ababhali nabaFarisi baqala ukumzonda kabi nokumbuzisisa ngokuninginingi, 54 bemqamekela ukuba babambe into ephuma emlonyeni wakhe.