Skip to Content

NgokukaLuka Chapter 12

1 Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa. 2 Akukho okusitshekelweyo okungayik wambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa. 3 Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni , nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu. 4 Kepha ngithi kinina bahlobo bami : Ningabesabi abawubulala umzimba , bengenakwenza okunye emva kwalokho. 5 Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba : Mesabeni lowo othi esebulele , abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo. 6 Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na ? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. 7 Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke . Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi. 8 Futhi ngithi kini : Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu; 9 kepha ongiphika phambi kwabantu uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu. 10 Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa , kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele kayikuthethelelwa. 11 Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni , nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani, 12 ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngasona leso sikhathi okufanele nikukhulume. Umlimi onothileyo. Iminako yomhlaba 13 Omunye wesixuku wathi kuye: Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa. 14 Kepha wathi kuye : Mngane, ubani ongimise ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na? 15 Wayesethi kubo : Bhekani, nixwaye ukuhaha konke , ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe. 16 Wabalandisa umfanekiso , wathi: Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle. 17 Wazindla phakathi kwakhe , wathi: Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na? 18 Wayesethi: Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami. 19 Bese ngithi kuwo umphefumulo wami : Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule. 20 Kepha uNkulunkulu wathi kuye : Wena siwula , ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe ; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na? 21 Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu. 22 Wayesethi kubafundi bakhe : Ngakho-ke ngithi kini : Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakud lani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. 23 Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho. 24 Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli , azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla ; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni. 25 Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na? 26 Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane , yini ukuba nikhathazeke ngokunye na? 27 Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani ; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. 28 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla , ngomuso buphonswe eziko , kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane. 29 Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki. 30 Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba , kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. 31 Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina. 32 Ungesabi, mhlambi omncane ; ngokuba kwathandeka kuYihlo u kuninika umbuso. 33 Thengisani ngeninakho , niphe abampofu ; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini , lapho kungasondeli sela , kungoni nundu khona. 34 Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu , lapho iyakuba khona nenhliziyo yenu. Inceku ethembekileyo (Math. 24:42) 35 Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha. 36 Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba , nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane. 37 Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi , nxa ifika , izifumane zilindile ; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze. 38 Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu , ifumane kunjalo , zibusisiwe zona lezo. 39 Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe. 40 Nani manibe nilungile , ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo. 41 UPetru wayesethi kuye: Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na? 42 Yayisithi iNkosi : Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo , inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho? 43 Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo , nxa ifika , iyifumane yenze njalo. 44 Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho. 45 Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo : Inkosi yami ilibele ukufika , iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe, 46 inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile. 47 Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga , ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi; 48 kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo , iyakushaywa eyingcosana ; yilowo nalowo ophiwe okuning i, kuyakubizwa okuningi kuye ; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho. Umlilo kaJesu nezibonakaliso zezikhathi 49 Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni ; bengifunisisa kangakanani ukuba nga sewokhelwe. 50 Kepha nginombhapathizo engizakubhapath izwa ngawo ; ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke. 51 Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na ? Ngithi kini : Qha, kepha kakhulu ukwahlukana. 52 Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye bahlukene, abathathu nababili, ababili nabathathu; 53 bayakwahlukana, uyise nendodana , indodana noyise ; unina nendodakazi , indodakazi nonina ; uninazala nomalokazana wakhe , umalokazana noninazala. 54 Wayesethi nakuzo izixuku : Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga , masinyane nithi: Iyeza imvula, kube njalo. 55 Futhi nxa kuphephetha iningizimu, nithi: Lizakubalela, kube njalo. 56 Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesi sikhathi na? 57 Pho, yini ukuba ninganqumi ngokwenu okulungileyo na? 58 Ngokuba, nxa uya enkosini nomelene nawe, ncengisisa usesendleleni ukuba ukhululeke kuye , funa mhlawumbe akuhudulele kumahluleli , umahluleli akunikele kulo iphoyisa, iphoyisa likuphonse etilongweni. 59 Ngithi kuwe: Awusoze waphuma khona, uze ukhokhe ifadingi lokuphela.