Skip to Content

NgokukaLuka Chapter 13

1 Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo. 2 Waphendula, wathi kubo: Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na? 3 Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke. 4 Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na? 5 Ngithi kini : Qha, kepha uma ningaphenduki , niyakubhubha ngokunjalo nonke. 6 Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi : Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga. 7 Wayesethi kuso isisebenzi sesivini : Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane , ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi? 8 Sona saphendula , sathi kuye : Nkosi, wuyeke nangalo mnyaka , ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba; 9 mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma. Ukuphulukiswa kowesifazane onomoya wobuthakathaka 10 Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. 11 Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela. 12 Kwathi uJesu embona , wambiza, wathi kuye : Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho. 13 Wabeka izandla phezu kwakhe ; weluleka khona lapho , wamdumisa uNkulunkulu. 14 Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabath a, waphendula, wathi kuso isixuku: Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo ; ngakho-ke anoza ngazo , niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha. 15 Kepha iNkosi yamphendula yathi : Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesa batha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? 16 Kepha lona , eyindodakazi ka -Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili , bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na? 17 Wathi ukuba asho lokho , bajabha bonke ababemelene naye ; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye. Imifanekiso ngombuso kaNkulunkulu (Math. 13:31; Mark. 4:30) 18 Wayesethi: Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na ? Ngiyakuwufanisa nani na? 19 Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu , wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi , izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo. 20 Wabuye wathi: Umbuso kaNkulunkulu ngiyakuwufanisa nani na? 21 Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane , wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke. 22 Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana , efundisa, eqonde eJerusalema. 23 Umuntu othile wayesethi kuye : Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na ? Wathi kubo: 24 Phikelelani ukungena ngo mnyango omncinyane ; ngokuba ngithi kini : Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke. 25 Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango , niqale ukuma ngaphandle , ningqongqothe emnyango , nithi: Nkosi, sivulele, uyakuphendula, athi: Anginazi lapho nivela khona. 26 Lapho-ke niyakuqala ukuthi : S asidla, siphuza phambi kwakho , wawufundisa emigwaqweni yakithi. 27 Athi-ke: Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi. 28 Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo , nxa senibon a o - Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle. 29 Bayakufika bevela empumalanga , nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu. 30 Bhekani, bakhona ab okugcina abayakuba ngabokuqala ; bakhona abokuqala abayakuba ngabokugcina. UJesu uyalikhalela iJerusalema 31 Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile , bathi kuye: Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala. 32 Wathi kubo : Hambani nithi kuleyo mp ungushe: Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa , kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe. 33 Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye ; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema. 34 Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi , okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko ; kepha anivumanga. 35 Bhekani, indlu yenu isisal a inxiwa kini ; kepha ngithi kini : Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi : U busisiwe ozayo egameni leNkosi.