NgokukaLuka Chapter 15
1
Kwase kusondela kuye bonke abathelisi nezoni ukumuzwa.
2
AbaFarisi nababhali base bakhonona bethi : Lo muntu wamukela izoni , adle nazo.
3
Wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi:
4
Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu , alahlekelwe ngenye kuzo , angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane , aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na?
5
Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza.
6
Esefike ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.
7
Ngithi kini : Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
8
Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi , uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye , angokheli isibani , ashanele indlu , afunisise, aze aluthole?
9
Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane , athi: Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.
10
Ngithi kini : Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
11
Wayesethi: Umuntu othile wayenamadodana amabili.
12
Encane yawo yayisithi kuyise : Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami ; wawahlukanisela impahla.
13
Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude , yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.
14
Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela.
15
Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelo zwe ; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube.
16
Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu.
17
Kuthe sekusile kuyo , yathi: Bangaki abaqashwa bakab aba abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha.
18
Ngiyakusuka, ngiye kubaba , ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho;
19
angisafanele ukuthiwa indodana yakho ; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.
20
Yayisisuka, yafika kuyise ; kepha ku the isekude , uyise wayibona , waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.
21
Indodana yayisithi kuye : Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho ; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.
22
Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe : S heshani nikhiphe ingub o enhle kunazo zonke , niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,
23
nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule;
24
ngokuba le ndodana yami ibifile , yabuye yaphila ; ibilahlekile, seyatholakala; base beqala ukujabula.
25
Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini ; yathi iseza isondela endlini , yezwa ukuhlabelela nokusina.
26
Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho.
27
Wathi kuyo: Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo , ngokuba ubuye wamthola ephilile.
28
Kepha yathukuthela , kayivumanga ukungena ; uyise wayesephuma, wayincenga.
29
Kodwa yaphendula, yathi kuyise: Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile ; angizange ngeqe umyalo wakho , kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami,
30
kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.
31
Wayesethi kuyo : M ntanami, wena uhlala nami njalo ; konke okwami kungokwakho.
32
Kepha simelwe ukujabula , sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile , wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.