NgokukaLuka Chapter 16
1
Wayesekhuluma nakubafundi bakhe , ethi: Kwakukhona umuntu othile oyisicebi, owayenomphathi; yena wamangalelwa kuye ngokuthi uchitha impahla yakhe.
2
Wambiza, wathi kuye : Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na ? Landa ngobuphathi bakho, ngokuba ungebe usaba ngumphathi.
3
Wayesethi umphathi phakathi kwakhe : Ngizakwenze njani , lokhu inkosi yami ingaphuca ubuphathi? Anginamandla okulima, nginamahloni ukunxiba.
4
Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuba bangamukele ezindlini zabo , nxa ngikhishwa ebuphathini.
5
Wababiza ngabanye abanamacala enkosini yakhe , wathi kowokuqala : Unecala elingakanani enkosini yami na?
6
Wathi: Amabhati ayikhulu amafutha . Wayesethi kuye : Thatha incwadi yakho, usheshe uhlale phansi, ulobe amashumi ayisihlanu.
7
Khona wathi komunye : Wena-ke unecala elingakanani na ? Wathi: Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni . Wathi kuye : Thatha incwadi yakho , ulobe amashumi ayisishiyagalombili.
8
Inkosi yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenze ngokuhlakanipha, ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.
9
Nami ngithi kini : Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona ongalungile , ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.
10
Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu ; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu.
11
Ngakho uma beningathembeki kokukaMamona ongalungile , ubani oyakuniphathisa okuyikhonakhona na?
12
Futhi uma beningathembeki kokomunye, ubani oyakuninika okungokwenu na?
13
Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili , ngokuba kokunye iyakuzonda enye , ithande enye , noma ibambelele kwenye , iyeyise enye . Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.
14
AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.
15
Wayesethi kubo : Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu ; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu , ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.
16
Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwa fika uJohane ; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa , wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.
17
Kepha kulula ukuba kudlule izulu nomhlaba kunokuba kuwe ibalana elilodwa lomthetho. Ukuhlalisana kwabaganeneyo (Math. 19:3; Mark. 10:1)
18
Yilowo nalowo olahla umkakhe , aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliwe yindoda uyaphinga. Isicebi noLazaru
19
Kwakukhona umuntu othile onothileyo , owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.
20
Kwakukhona fut hi ompofu othile , nguLazaru igama lakhe , owayelahliwe ngasesangweni lakhe egcwele izilonda,
21
enxanela ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi ; yebo, kweza nezinja, zamkhotha izilonda.
22
Kwase kuthi wafa ompofu , wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika- Abrahama; nesicebi safa, sembelwa.
23
SesiseHayidese saphakamisa amehlo aso , sisebuhlungwini, sambona u - Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.
24
Samemeza sathi : Baba Abrahama , ngihawukele, uthume uLazaru , agcobhoze isihloko somunwe wakhe ema nzini, aphozise ulimi lwami , ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.
25
Kepha u -Abrahama wathi : Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi ; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa.
26
Nangaphezu kwakho konke lokho kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani ukuba abafuna ukusuka lapha baye kini bangekwenze , nabalapho bangaweleli kithi.
27
Sase sithi: Njalo ngiyakucela, baba, ukuba umthumele endlini kababa,
28
ngokuba nginabafowethu abayisihlanu , ukuze afakaze kubo, bangezi nabo kule ndawo yobuhlungu.
29
Kepha u-Abrahama wathi: BanoMose nabaprofethi; mabezwe bona.
30
Sathi-ke: Qha, baba Abrahama, kodwa uma kusuka umuntu kwabafileyo , aye kubo, bayakuphenduka.
31
Kepha wathi kuso : U ma bengalaleli uMose nabaprofe thi, kabayikuvunyiswa, noma kuvuka umuntu kwabafileyo.