NgokukaLuka Chapter 17
1
Wayesethi kubafundi bakhe : Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye!
2
Kungcono kuye ukuba itshe lokusila l igaxwe entanyeni yakhe , alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.
3
Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.
4
Noma ekonela kasikhombisa ngosuku , abuyele kuwe kasikhombisa , ethi: Ngiyaphenduka, womthethelela.
5
Abaphostoli base bethi eNkosini: Yandisa ukukholwa kwethu.
6
Yayisithi iNkosi : Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi , beningasho kulo mthombe: Simbuka, utshaleke elwandle, ubuyakunilalela.
7
Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: Sondela masinyane, uhlale phansi, udle ?
8
Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: Lungisa engizakukudla , uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena, na?
9
Uyayibonga yini inceku, ngokuba yenzile ekuyaliweyo na?
10
Kunjalo nani , nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo , anothi: Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza. Ukuphulukiswa kwabanochoko abayishumi
11
Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile.
12
Esangena emzaneni othile , kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude,
13
aphakamisa izwi, athi: Jesu Nkosi, sihawukele!
14
Kuthe ewabona , wathi kuwo : Hambani, niyoziveza kubapristi . Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
15
Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe , yabuya imdumisa uNkulunku lu ngezwi elikhulu,
16
yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.
17
Kepha uJesu waphendula wathi: Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na?
18
Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo , kuphela lona wezizwe na?
19
Wayesethi kuye: Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile. Umbuso kaNkulunkulu; ukubuya kweNdodana yomuntu
20
Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini , wabaphendula wathi: Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.
21
Futhi kabayikusho ukuthi : Bhekani, nanku, nokuba, nankuya; ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.
22
Wayesethi kubafundi bakhe: Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.
23
Bayakuthi kini: Bhekani, nansiya; bhekani, nansi; maningayi, ningalandeli.
24
Ngokuba njengonyazi , nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu , lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu , yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
25
Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.
26
Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa , kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.
27
Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
28
Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti , babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha;
29
kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;
30
kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.
31
Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu , impahla yakhe isendlini , kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva.
32
Khumbulani umkaLoti.
33
Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho , kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza.
34
Ngithi kini : Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye ; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
35
Kuyakuba khona ababili besila ndawonye ; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
36
Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
37
Base bephendula, bethi kuye : Kuphi, Nkosi? Wathi kubo: Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.