Skip to Content

NgokukaMarku Isahluko 1

1 Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. 2 Njengokulotshwe kumprofethi u -Isaya ukuthi : Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho esiyakulungisa indlela yakho, -- 3 izwi lomemezayo ehlane, lithi: Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde, 4 kwavela uJohane ebhapathiza ehlane , eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. 5 Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema , babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. 6 UJohane wayembethe eyoboya bekamela , enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle. 7 Washumayela wath i: Emva kwami kuyeza onamandla kunami , engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. 8 Mina nginibhapathize ngamanzi , kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele. Ukubhapathizwa kukaJesu. Ulingwa nguSathane (Math. 3:13; Luk. 3:21; Math. 4:1; Luk. 4:1) 9 Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. 10 Wanele ukukhuphuka emanzini , wabona izulu livuleka , noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. 11 Kwavela izwi ezulwini , lithi: Wena u yiNdodana yami ethandekayo ; ngithokozile ngawe. 12 Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. 13 Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane ; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza. Ukubizwa kwabafundi (Math. 4:12; Luk. 5:1) 14 Emva kok uboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, 15 wathi: Isikhathi sigcwalisekile , umbuso kaNkulunkulu ususondele ; phendukani, nikholwe yivangeli. 16 Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile , wabona oSimoni no -Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi. 17 UJesu wayesethi kubo : Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu. 18 Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. 19 Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha. 20 Wababiza masinyane ; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela. 21 Bangena eKapernawume . Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa. 22 Bamangala ngokufundisa kwakhe ; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali. Ukuphulukiswa kweziguli (Math. 8:14; Luk. 4:31) 23 Kwakukhona-ke esinagogeni umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza, 24 wathi: Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha ? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu. 25 UJesu wamkhuza wathi: Thula, uphume kuye! 26 Umoya ongcolileyo wamhlukumeza , wakhala ngezwi elikhulu , waphuma kuye. 27 Bethuka bonke , babuzana bodwa , bathi: Kuyini lokhu ? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele. 28 Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile. 29 Sebephume esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no -Andreya, benoJakobe noJohane. 30 Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye. 31 Waya kuye , wamlulamisa embamba ngesandla ; umkhuhlane wamyeka , wabakhonza. 32 Kwathi ukuba kuhlwe , selishonile ilanga , baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni. 33 Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. 34 Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ng ezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi. 35 Ekuseni kusemnyama kakhulu , wavuka waphuma , waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. 36 USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma. 37 Sebemfumene bathi kuye: Bonke bayakufuna. 38 Wathi kubo : Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho. 39 Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni. UJesu uphilisa umuntu onochoko (Math. 8:1; Luk. 5:12) 40 Kwafika kuye onochoko , wamncenga eguqa ngamadolo , ethi kuye : Uma uthanda, ungangihlambulula. 41 UJesu wamhawukela , welula isandla , wamphatha, wathi kuye : Ngiyathanda; hlambuluka. 42 Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka. 43 Esemyalisisile washesha wammukisa, 44 wathi kuye : Bheka, ungasho lutho kumuntu , kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose , kube ngubufakazi kubo. 45 Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala ; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.