NgokukaMarku Chapter 2
1
Wabuye wangena eKapernawume emva kwezins uku ezithile ; kwezwakala ukuthi usendlini.
2
Kwase kubuthana abaningi , akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango ; wakhuluma izwi kubo.
3
Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane.
4
Bengenakusondela kuye ngenxa yesixuku baqaqa uphahla laph o ekhona , bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi.
5
UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi : Ndodana, uthethelelwe izono zakho.
6
Kepha kwakukhona ababhali abathile behlezi khona, bezindla ezinhliziyweni zabo ngokuthi:
7
Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?
8
UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?
9
Yikuphi okulula ukuth i kofe uhlangothi : U thethelelwe izono zakho , noma ukuthi: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe, na?
10
Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono -- wathi kofe uhlangothi --
11
ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.
12
Wayesevuka, wathatha masinyane uhlaka lwakhe, waphuma phambi kwabo bonke, baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu , bathi: Asizange sikubone okunje.
13
Waphuma futhi , waya ngaselwandle ; isixuku sonke sabantu seza kuye , wabafundisa.
14
Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: Ngilandele. Wasuka-ke, wamlandela.
15
Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe , abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela.
16
Khona aba bhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?
17
UJesu ekuzwa lokho wathi kubo : Abaphilileyo abadingi inyanga , ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni. Ukuzila ukudla (Math. 9:14; 12:1; Luk. 5:33)
18
Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla ; beza bathi kuye : Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla , kodwa abafundi bakho bangazili na?
19
UJesu wathi kubo : Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile.
20
Kodwa zizakufika izinsuku , lapho umyeni ezakususwa kubo ; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.
21
Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala , funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka.
22
Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. UJesu uchachisa umyalelo wesabatha (Math. 12:1; Luk. 6:1)
23
Kwathi edabu la amasimu ngesabatha , abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba.
24
Base bethi kuye abaFarisi : Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?
25
Wathi kubo : Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele , elambile yena nababe naye
26
ukuthi w angena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu , ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?
27
Wayesethi kubo : Isabatha lenzelwa umuntu , umuntu akenzelwanga isabatha.
28
Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.