NgokukaMarku Chapter 15
1
Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo , bambopha uJesu , bamqhuba, bamnikela kuPilatu.
2
UPilatu wambuza wathi : Wena uyinkosi yabaJuda na ? Waphendula, wathi kuye: Usho khona.
3
Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi.
4
UPilatu wabuye wambuza , wathi: Awuphenduli lutho na ? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.
5
Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.
6
Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo.
7
Kwakukhona-ke omunye , nguBaraba igama lakhe , owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.
8
Isixuku senyuka , saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.
9
Kepha uPilatu wabaphendula wathi : Nithanda ukuba nginikhululele ink osi yabaJuda na?
10
Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.
11
Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.
12
UPilatu wabuye waphendula , wathi kubo: Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?
13
Babuye bamemeza, bathi: Mbethele esiphambanweni!
14
Kodwa uPilatu wathi kubo : Ngokuba wenze bubi buni na ? Kepha bamemeza kakhulu, bathi: Mbethele esiphambanweni!
15
Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba , kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.
16
Amabutho ayesemngenisa phakathi endlini ethiwa iPretoriyu , abizela ndawonye ibutho lonke.
17
Ayesemembathisa ingubo ebubende , amcwashelisa ngomqhele ayeweluke ngameva.
18
Aqala ukumkhulekela, athi: Bayede, nkosi yabaJuda!
19
Amshaya ekhanda ngomhlanga , amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye.
20
Esembhinqile amhlubula ingubo ebubende , amembathisa izingubo zakhe . Ayesephuma naye ukuba ambethele esiphambanweni.
21
Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka- Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. UJesu esesiphambanweni (Math. 27:33; Luk. 23:26; Joh. 19:17)
22
Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda.
23
Amnika iwayini elixutshwe nemure; kepha akalamukelanga.
24
Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani.
25
Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni.
26
Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi : INKOSI YABAJUDA.
27
Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili , omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe.
28
Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: Wabalwa kanye naboni.
29
Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo , bathi: Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu;
30
zisindise, wehle esiphambanweni.
31
Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali , bathi: Wasindisa abanye, angezisindise yena.
32
UKristu, iNkosi yakwa -Israyeli, makehle manje esiphambanweni , ukuze sibone, sikholwe. Nababebethelwe kanye naye bamdumaza.
33
Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
34
Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Eloi, Eloi, lama sabaktani ? okungukuthi ngokuh unyushwa: Nkulunkulu wami , Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?
35
Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: Bheka, ubiza u-Eliya.
36
Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.
37
UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa.
38
Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili , kusukela phezulu kuze kufike phansi.
39
Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo , yathi: Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.
40
Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena , noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose , kanye noSalome
41
ababemlandela eseseGalile , bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema. Ukumbelwa kukaJesu (Math. 27:57; Luk. 23:50; Joh. 19:38)
42
Kwathi ukuba kuhlwe , ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha,
43
kwafika uJosefa wase -Arimatheya, ilunga elidumileyo lomphakathi , owayewubheka naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu.
44
Kepha uPilatu wamangala ngokuthi ngabe usefile , wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi sekukade efile na?
45
Esezwile enduneni yekhulu wamnika uJosefa isidumbu.
46
Wathenga indwangu enhle , wamehlisa, wamsonga ngaleyo ndwangu, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni , wagingqela itshe emnyango wethuna.
47
OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.