NgokukaMarku Chapter 16
1
Selidlulile isabatha , oMariya Magd alena, noMariya unina kaJakobe , noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.
2
Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga.
3
Bakhuluma bodwa, bathi: Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?
4
Bathi ukubheka , babona ukuthi itshe seligingqiwe ; ngokuba lalilikhulu kakhulu.
5
Kuthe bengena ethuneni , babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.
6
Kepha yathi kubo : Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha ; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona.
7
Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe kanye noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; nizakumbona lapho, njengalokho eshilo kini.
8
Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthu thumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba. Ukuzibonakalisa kukaJesu emva kokuvuka kwakhe nokukhuphukela kwakhe ezulwini
9
Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki , wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa.
10
Yena wahamba wababikela labo ababe naye uJesu, besalila bekhala.
11
Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye , abaze bakholwa.
12
Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni.
13
Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa.
14
Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni , wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo , ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile.
15
Wayesethi kubo: Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.
16
Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa , kepha ongakholwayo uyakulahlwa.
17
Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo : ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha,
18
baphathe izinyoka ; uma bephuza okubulalayo , akusoze kwaba nangozi ; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.
19
Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini , yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
20
Kepha bona bephuma bashumayela ezindawe ni zonke , iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.