Skip to Content

NgokukaMathewu Chapter 13

1 Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle. 2 Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini. 3 Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso , wathi: Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. 4 Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni ; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. 5 Kepha enye yawela edwaleni , lapho yayingenamhlabathi omningi khona ; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. 6 Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. 7 Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. 8 Kepha enye yawela emhlabathini omuhle ; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. 9 Onezindlebe makezwe. 10 Kwase kufika abafundi bakhe , bathi kuye : Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na? 11 Waphendula-ke, wathi kubo: Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga. 12 Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa , kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. 13 Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso , ngokuba noma bebon a, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. 14 Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika -Isaya sokuthi: Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa; 15 ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni , bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo , bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise. 16 Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa. 17 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini : Baningi abaprofethi na balungileyo ababefisa ukubona enikubonayo , abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo , abakuzwanga. 18 Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli. 19 Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe . Yilowo ohlwany elwe ngasendleleni. 20 Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi , alamukele masinyane ngokuthokoza; 21 kepha kanampande phakathi kwakhe , kodwa uhlala isikhashana nje , kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane. 22 Futhi-ke ohlwanye lwe emeveni nguye olizwa izwi , kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo. 23 Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi , aliqonde, athele impela isithelo , omunye aveze ngekhulu , omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu. 24 Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; 25 kepha abantu besalele , kwafika isitha sakhe , sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka. 26 Kwathi ukuba likhule ikhaba, kuthele isithelo, khona kwabonakala nokhula. 27 Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na? 28 Wathi kuzo : Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha . Izisebenzi zathi kuye : Uthanda ukuba siye ukulubutha na? 29 Kodwa wathi : Qha, funa nithi , nxa nibutha ukhula , nisiphule amabele kanye nalo. 30 Yekani kukhule kokubili ndawonye , kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami. 31 Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; 32 yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu , kepha u ma isikhulile , inkulu kunezilimo , iba ngumuthi , kuze kufike izinyoni zezulu , zakhele emagatsheni awo. 33 Wabatshela omunye umfanekiso wathi : Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke. 34 Konke lokho uJesu wakukhuluma ezixukwini ngemifanekiso ; ngaphandle komfanekiso kakhulumanga lutho kubo, 35 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi : Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso , ngiphimisele okufihlakeleyo , selokhu kwasekelwa umhlaba. 36 Khona wazishiya izixuku , weza endlini . Basondela kuye abafundi bakhe , bathi: Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini. 37 Wayesephendula, ethi kubo : Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu; 38 insimu yizwe ; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso ; kodwa ukhula ngabantwana bomubi; 39 kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. 40 Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa , lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe. 41 INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo , zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, 42 zibaphonse eziko lomlilo ; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. 43 Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo . Onezindlebe makezwe. 44 Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini , yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba , athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu. 45 Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle; 46 eselifumene iparele linye elinenani elikhulu , waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. 47 Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle , lihlanganisa zonke izinhlobo; 48 lithe seligcwele , balidonsela ogwini , bahlala phansi , babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. 49 Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, 50 zibaphonse eziko lomlilo ; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. 51 Nikuqondile konke lokho na? Bathi kuye: Yebo. 52 Wayesethi kubo : Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu , umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala. UJesu udelelwa emzini wakubo (Mark. 6:1; Luk. 4:16) 53 Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho. 54 Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni labo , baze bamangala, bathi: Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na? 55 Lo akasiyo indodana yombazi na ? Unina kathiwa uMariya , nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na? 56 Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na ? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na? 57 Bakhubeka ngaye . Kepha uJesu wathi kubo : Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo. 58 Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.