Skip to Content

NgokukaMathewu Chapter 14

1 Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki waluzwa udumo lukaJesu, 2 waze wathi ezincekwini zakhe : Lo nguJohane uMbhapathizi ; yena uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye. 3 Ngokuba uHerode wayembambile uJohane , wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, 4 lokhu uJohane wayethe kuye: Awuvunyelwe ube naye. 5 Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi. 6 Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indod akazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode, 7 kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela. 8 Yona isifundisiwe ngunina yathi : Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi. 9 Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe, 10 yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni. 11 Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina. 12 Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu. UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu (Mark. 6:30; Luk. 9:12; Joh. 6:1) 13 Wathi uJesu esekuzwile lokho , wamuka lapho ngomkhumbi , waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile , zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. 14 Waphuma, wabona isixuku esikhulu ; waba nesihe ngaso , waphulukisa abagulayo babo. 15 Selishonile, abafundi bakhe beza kuye , bathi: Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla. 16 Kepha uJesu wathi kubo : Akuswelekile ukuba bamuke ; bapheni nina ukudla. 17 Bathi kuye : Asinalutho lapha , kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili. 18 Wayesethi: Ziletheni lapha kimi. 19 Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini , wazithabatha izinkwa eziyisihlanu n ezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini , wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. 20 Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele. 21 Kepha abadlayo kwakungathi amadoda a yizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana. UJesu uhamba phezu kolwandle (Mark. 6:45; Joh. 6:16) 22 Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini , bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. 23 Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka ; sekuhlwile, wayeyedwa lapho. 24 Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu amaningi emhlabathini , ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo. 25 Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. 26 Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo , bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. 27 Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane , wathi: Yimani isibindi; yimina, ningesabi. 28 UPetru wayesephendula , wathi kuye : Nkosi, uma kunguwe , yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi. 29 Wayesethi: Woza. Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu. 30 Kepha ebona umoya wesaba ; eseqala ukushona wakhala wathi : Nkosi, ngisindise! 31 Masinyane uJesu welula isandla , wambamba, wathi kuye : Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na? 32 Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka. 33 Abasemkhunjini bakhuleka kuye , bathi: Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu. 34 Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha. 35 Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo , athuma izigijimi kul o lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo. 36 Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe ; bonke abawuthinta basindiswa.