Skip to Content

NgokukaMathewu Chapter 15

1 Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi: 2 Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na ? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa. 3 Kepha waphendula , wathi kubo : Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na? 4 Ngokuba uNkulunkulu wathi: Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa. 5 Kepha nina nithi: Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi : Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho, 6 akayikwazisa uyise noma unina ; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu. 7 Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi: 8 Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami; 9 kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu. 10 Wayesebabiza abantu, wathi kubo: Yizwani, niqonde. 11 Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu ; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu. 12 Khona kwasondela abafundi bakhe , bathi kuye : Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na? 13 Kepha waphendula wathi : Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa. 14 Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili. 15 UPetru waphendula, wathi kuye: Sichasisele lo mfanekiso. 16 Wayesethi: Kanti nani nisengabangaqondiyo na? 17 Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini , kuze kulahlelwe ngaphandle na? 18 Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni ; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. 19 Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi , ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza. 20 Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu ; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu. Owesifazane waseKhanani (Mark. 7:24) 21 UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni. 22 Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani , wakhala wathi : Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide ! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni. 23 Kepha akamphendulanga ngazwi . Base besondela kuye abafundi bakhe , bamncenga, bathi: Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu. 24 Kodwa waphendula wathi: Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli. 25 Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: Nkosi ngisize. 26 Waphendula wathi : Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana , usiphonse ezinjaneni. 27 Yena wathi: Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo. 28 Khona uJesu waphendula , wathi kuye : O mame , kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho. Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi. UJesu uphulukisa iziguli; usuthisa amadoda ayizinkulungwane ezine (Mark. 7:31; 8:1) 29 Wasuka lapho uJesu , wafika ngaselwandle lwaseGalile , wenyukela entabeni, wahlala phansi khona. 30 Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga , nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe ; wabaphulukisa, 31 baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma , izilima zisindile , izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona ; bamdumisa uNkulunkulu ka - Israyeli. 32 UJesu wayesebabiza abafun di bakhe , wathi: Ngiyasihawukela isixuku , ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi , singenanto yokudla ; angithandi ukubamukisa belambile , funa mhlawumbe baphele amandla endleleni. 33 Bathi kuye abafundi : Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na? 34 Wathi kubo uJesu : Ninezinkwa ezingaki na ? Bathi: Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana. 35 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; 36 wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku. 37 Badla bonke , basutha, babutha imvuthuluka eseleyo , amaqoma ayisikhombisa agcwele. 38 Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana. 39 Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini , wafika emik hawulweni yaseMagadana.