NgokukaMathewu Chapter 21
1
Kwathi ukuba basondele eJerusalema , sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili,
2
wathi kubo : Hambani niye emzaneni obhekene nani , nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo ; zithukululeni, nizilethe kimi.
3
Uma umuntu esho utho kini , anothi: INkosi iyazidinga ; uyakuzithumela masinyane.
4
Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi:
5
Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyon i ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe , imnene, ikhwele embongolweni , yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.
6
Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile,
7
baletha imbongolo nethole , babeka izingubo zabo phezu kwazo , wahlala phezu kwazo.
8
Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni , kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.
9
Izixuku ezazihamba pha mbili nezazimlandela zamemeza zathi : Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide ! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi . Hosiyana kweliphezulu!
10
Kwathi esangena eJerusalema , umuzi wonke wanyakaza , wathi: Ngubani lo?
11
Izixuku zathi: Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile. Ukuhlanzwa kwethempeli (Mark. 11:15; Luk. 19:45)
12
UJesu wayesengena ethempelini , waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini , wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
13
Wathi kubo : Kulotshiwe ukut hi: Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka, kepha nina niyenza Umhume wabaphangi.
14
Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.
15
Kepha abapristi abakhulu nababhali , bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide, bacasuka,
16
bathi kuye: Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo, anizange nifunde yini ukuthi : Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso, na?
17
Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona. Ukuqalekiswa komkhiwane (Mark. 11:12, 20)
18
Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba.
19
Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni , weza kuwo ; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade. Umkhiwane wabuna khona lapho.
20
Bekubona lokho abafundi bamangala bathi : Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?
21
UJesu wayesephendula , ethi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela , kodwa noma nithi kule ntaba: Nqukuleka, uphonseke elwandle, kuyakwenzeka;
22
nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa. Igunya likaJesu (Mark. 11:27; Luk. 20:1)
23
Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: Ukwenza lokhu ngagunya lini na ? Futhi ngubani okunike leli gunya na?
24
UJesu waphendula, wathi kubo: Nami ngizakunibuza izwi libe linye ; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
25
Ukubhapathiza kukaJ ohane kwavelaphi , ezulwini nokuba kubantu , na? Bakhulumisana bodwa , bathi: Uma sithi : Ezulwini, uzakuthi kuthi : Pho, anikholwanga nguye ngani na?
26
Kepha uma sithi : Kubantu, siyasesaba isixuku ; ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi.
27
Base bemphendul a uJesu , bethi: Asazi. Wayesethi kubo naye : Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Ukukhuzwa kwabapristi abakhulu nabaFarisi
28
Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.
29
Yaphendula yathi: Angithandi; kodwa ngasemuva yaguquka, yaya.
30
Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: Ngiyaya, nkosi; kepha kayiyanga.
31
Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na ? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.
32
Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga , anikholwanga nguye ; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye ; kodwa nina , khona nikubona , aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye. Umfanekiso wabalimi besivini (Mark. 12:1; Luk. 20:9)
33
Yizwani omunye umfanekiso . Kwakukhona umuntu , umninindlu, owatshala isivini , wasibiyela ngothango , wemba khona isikhamo , wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
34
Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo , wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe.
35
Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.
36
Waphinda wathuma ezinye izinceku eziningi kun ezokuqala; benze njalo nakulezo.
37
Ekugcineni wathuma kubo indodana yakhe , ethi: Bayakuyazisa indodana yami.
38
Kepha kwathi abalimi bebona indodana , bakhuluma bodwa , bathi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.
39
Base beyibamba, bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala.
40
Pho-ke, mhla kufika umninisivini, uzakubenze njani labo balimi na?
41
Bathi kuye: Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.
42
UJesu wathi kubo : Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi : Itshe abalinqabayo abakh i lona laba yinhloko yegumbi ; lona lavela eNkosini ; liyisimangaliso emehlweni ethu, na?
43
Ngalokho ngithi kini : Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu , uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.
44
Owayo ph ezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa ; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.
45
Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe bazi ukuthi ukhuluma ngabo.
46
Base befuna ukumbamba ; kepha bazesaba izixuku , ngokuba zazithi ungumprofethi.