NgokukaMathewu Chapter 22
1
UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi:
2
Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi , owenzela indodana yakhe umshado.
3
Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni ; kepha abavumanga ukuza.
4
Waphinda wathuma ezinye izinceku , wathi: S honini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami ; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.
5
Kepha badelela , bahamba; omunye waya ensimini yakhe , omunye waya entengweni yakhe.
6
Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.
7
Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.
8
Khona yathi ezincekwini zayo : U mshado usulungiselwe , kepha abamenyiweyo bebengafanele;
9
ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela , nibizele emshadweni bonke eningabafumana.
10
Lezo zinceku zaphuma , zaya ezindleleni , zabutha bonke ezabafumanayo , ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.
11
Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado;
12
yathi kuye: Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na? Kepha wathula.
13
Khona inkosi yathi ezincekwini : Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle ; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
14
Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo. Intela kaKesari (Mark. 12:13; Luk. 20:19)
15
Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi.
16
Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode , bathi: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile , ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso ; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.
17
Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?
18
Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: Bazenzisi, ningilingelani na?
19
Ngitshengiseni imali yokuthela, bamtshengisa udenariyu.
20
Wayesethi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?
21
Bathi: NgokaKesari. Khona wathi kubo : Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.
22
Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka. Ukuvuka kwabafileyo (Mark. 12:18; Luk. 20:27)
23
Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza
24
bathi: Mfundisi, uMose wathi : U ma umuntu efa engen abantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
25
Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa : owokuqala waganwa , wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo.
26
Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa.
27
Emva kwabo bonke wafa umfazi.
28
Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa , lokhu bonke babe naye, na?
29
Kepha uJesu waphendula , wathi kubo : Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.
30
Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa , abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.
31
Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi:
32
Mina nginguNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.
33
Kwathi izixuku zikuzwa lokho, zamangala ngokufundisa kwakhe. Umyalo wokuqala (Mark. 12:28)
34
AbaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi , babuthana ndawonye.
35
Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi:
36
Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?
37
UJesu wathi kuye : Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho , nangawo wonke umphefumulo wakho , nangayo yonke ingqondo yakho.
38
Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala.
39
Owesibili ofana nawo uthi : Wothanda umakh elwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
40
Kuleyo miyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi. UMesiya nemvelo yakhe (Mark. 12:35; Luk. 20:41)
41
Besabuthene abaFarisi, uJesu wababuza,
42
wathi: Nithini ngoKristu na ? Uyindodana kabani na ? Bathi kuye: EkaDavide.
43
Wathi kubo: Pho, uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi:
44
INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.
45
Ngakho-ke uma uDavide embiza ngokuthi iNkosi , uyindodana yakhe kanjani na?
46
Kwakungekho obengamphendula ngazwi ; emva kwalolo suku akwabe kusabakho muntu onesibindi sokumbuza lutho.