NgokukaMathewu Chapter 23
1
Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe,
2
wathi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.
3
Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi;
4
babopha imithwalo enz ima, bayibeke emahlombe abantu ; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.
5
Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu ; amafilakteriyu abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.
6
Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihla lo eziphambili emasinagogeni,
7
nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi Rabi .
8
Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi ; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.
9
Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo ; ngokuba munye uyih lo, osezulwini.
10
Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.
11
Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu.
12
Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.
13
Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu ! Ngokuba aningeni nina , nabangenayo anibavumeli ukungena.
14
Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide ! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.
15
Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye , lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!
16
Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi : Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!
17
Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?
18
Futhi: Yilowo ofunga i -altare akulutho , kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.
19
Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na?
20
Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo.
21
Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo.
22
Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu n ohlezi phezu kwaso.
23
Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.
24
Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela.
25
Maye kinina babhali nabaFarisi , bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha , kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!
26
Mfarisi oyimpumputhe , hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo , ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.
27
Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle , kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!
28
Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.
29
Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo!
30
Nithi: U ma sasikhona emihleni yawobaba , sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.
31
Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.
32
Nani gcwalisani isilinganiso sawoyihlo.
33
Zinyoka, nzalo yamabululu , niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?
34
Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi , nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi
35
ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika -Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.
36
Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane.
37
Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso , kepha anivumanga.
38
Bhekani, indlu yenu isisala nani.
39
Ngokuba ngithi kini : Anisayikungibona nize nithi : U busisiwe ozayo egameni leNkosi.