U-Amose Isahluko 3
1
Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa -Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:
2
Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba ; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.
3
Kuhamba ababili kanyekanye, uma bengavumelananga, na?
4
Ingonyama iyabhodla ehlathini , ingenampango, na? Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo, uma lingabambanga lutho, na?
5
Inyoni iwela og ibeni emhlabathini , ingenasihibe, na? Ugibe luyaxhuma emhlabathini, lungabambanga nokubamba, na?
6
Kungabethwa icilongo emzini , bangesabi abantu , na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?
7
Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho , ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
8
Ingonyama ibhongile , ngubani ongayikwesaba na ? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na? Ukwahlulelwa kweSamariya
9
Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase -Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe , nithi: Buthanani ezintabeni zaseSamariya , nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.
10
Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo , usho uJehova ; babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.
11
Ngalokho isho kan je iNkosi uJehova , ithi: Isitha siyakulihaqa izwe , sehlise kini izinqaba zenu, ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.
12
Usho kanje uJehova , uthi: Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe , kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa , abahlala eSamariya ezingosini zezihlal o naphezu kwezingubo zikasilika zemibhede.
13
Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe , isho iNkosi uJehova , uNkulunkulu Sebawoti.
14
Ngokuba mhla ngiyakumhambela u -Israyeli ngeziphambeko zakhe , ngiyakuhambela nama -altare aseBethele , kunqunywe izimpondo ze -altare, ziwe phansi.
15
Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo , kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela, usho uJehova.