Skip to Content

U-Amose Isahluko 4

1 Yizwani leli zwi , nina zinkomo zaseBashan i enisentabeni yaseSamariya , enicindezela abaphansi , enichoboza abampofu , enithi emakhosini enu : Lethani, siphuze. 2 INkosi uJehova ifungile ubungcwele bay o ukuthi: Bhekani, izinsuku ziyakunehlela lapho niyaku suswa ngezingwegwe , nabaseleyo kini ngezindobo. 3 Niyakuphuma emifantwini, kube yilowo nalowo ngoqondene naye, nilahlwe eHermoni, usho uJehova. U-Israyeli akafundi 4 Wozani eBethele , niphambeke, naseGiligali, nandise iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo , nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu, 5 nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo , nimemezele iminikelo yesihle, niyizwakalise, ngokuba nithanda kanjalo , bantwana bakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova. 6 Mina nganinika ukuhlanzeka kwa mazinyo emizini yenu yonk e nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kepha anibuyelanga kimi, usho uJehova. 7 Futhi ngagodla kini imvula , kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe , ngalinisa phezu komunye umuzi , komunye umuzi angilinisanga ; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha. 8 Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu , yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova. 9 Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha ; izivande zenu , nezivini zenu , nemikhiwane yenu , neminqumo yenu emining i kwadliwa yisibotho , kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova. 10 Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe , ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu , ngenza ukuba ukunuka kwekamu lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu , kepha nokho anibuyelanga kimi , usho uJehova. 11 Nganichitha njengalokh o uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora ; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni , kepha nokho anibuyelanga kimi , usho uJehova. 12 Ngalokho ngiyakwenze njal o kuwe Israyeli; njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe, zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli. 13 Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama , onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.