Skip to Content

U-Eksodusi Chapter 32

1 Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye : Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo , umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini. 2 U-Aroni wayesethi kubo : Khumulani am acici egolide asezindlebeni zawomkenu, nakwezamadodana enu , nakwezamadodakazi enu , niwalethe kimi. 3 Bonke abantu bakhumula -ke amacici egolide asezindlebeni zabo , bawayisa ku-Aroni. 4 Wawamukela ezandleni zabo , wawabumba ngengwedo , wawenza aba yithole elibu njiweyo, bathi: Nampa onkulunkulu bakho , Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe. 5 U-Aroni wakubona , wakha i -altare phambi kwalo ; u-Aroni wamemezela wathi: Kusasa kuzakuba khona umkhosi kaJehova. 6 Bavuka ekuseni ngakusasa , banikela ngeminikelo yokushis wa, baletha iminikelo yokuthula ; abantu bahlala phansi ukuba badle , baphuze; bavuka ukuyodlala. Intukuthelo kaJehova nomkhuleko kaMose 7 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono; 8 baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo . Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: Nampa onkulunkulu bakho , Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe. 9 UJehova wathi kuMose : Ngibabonile laba bantu ; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni. 10 Ngalokho ngiyeke ukuba ulaka lwami lubavuthele , ngibaqede, ngikwenze ube yisizwe esikhulu. 11 UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na? 12 AbaseGibithe bayakusholoni ukuthi : Wabakhiphela okubi ukuba ababulale ezintabeni, abaqothule ebusweni bomhlaba . Phenduka olakeni lwakho oluvuthayo, uguquke kulobu bubi ngakubantu bakho. 13 Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo , idle ifa lalo kuze kube phakade. 14 UJehova wayesephenduka ebubini abethi uzakubenza kubantu bakhe. 15 UMose waphenduka , wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe , izibhebhe ezazilotshwe nxazombili , zalotshwa ngalapha nangalapha. 16 Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu , nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni. 17 UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: Kukhona umsindo wempi ekamu. 18 Wathi: Akusilo izwi labahalalisa ngokunqoba , akusilo izwi lokukhala ngokunqotshwa, kepha ngizwa umsindo wabahlabelelayo. 19 Kwathi esasondela ekamu, wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba. 20 Wayeselithatha ithole ababelenzile , walishisa ngomlilo , walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa- Israyeli. 21 UMose wathi ku -Aroni: Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na? 22 Wathi u-Aroni: Ulaka lwenkosi yami malungavuthi ; uyabazi abantu ukuthi bathanda ububi. 23 Ngokuba bathi kimi : Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kweth u, ngokuba uMose lowo , umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe , asazi ukuthi wehlelwe yini. 24 Ngase ngithi kubo : Onalo igolide makalikhumule ; base benginika lona , ngaliphonsa emlilweni, kwaphuma leli thole. 25 UMose wababona abantu ukuthi babedlubulundile ; ngokuba u -Aroni wayebakhululile baze bahlekwa yizitha zabo; 26 uMose wayesema esangweni lekamu , wathi: AbakaJehova mabeze kimi . Onke amadodana kaLevi ayesebuthana kuye. 27 Wayesethi kuwo: Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu, aye emuva , aye phambili , kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo , nalowo umngane wakhe , nalowo umakhelwane wakhe. 28 Amadodana kaLevi enza njengez wi likaMose, kwawa ngalolo suku abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu. 29 Wayesethi uMose: Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla. 30 Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu : Nenzile isono esikhulu ; sengiyakukhuphukela kuJehova , uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu. 31 UMose wabuyela kuJehova , wathi: Hawu, laba bantu benzile isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide. 32 Nokho uma ubathethelela ison o sabo ; kepha uma ungabathetheleli , ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo. 33 UJehova wayesethi kuMose: Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami. 34 Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho ; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo. 35 UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u - Aroni.