U-Eksodusi Chapter 40
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele letende lokuhlangana.
3
Wofaka khona umphongolo wobufakazi , uwuhenqele umphongolo ngesihenqo.
4
Ulingenise itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo , ulungenise uthi lwez ibani, ubeke izibani zalo.
5
Ubeke i -altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi , ulengise iveli lomnyango wetabernakele.
6
Ubeke i -altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana.
7
Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.
8
Ulungise igceke nxazonke, ulengise iveli lesango legceke.
9
Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele.
10
Ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke , ulingcwelise i- altare, i-altare libe ngcwelengcwele.
11
Ugcobe umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.
12
Ulethe u -Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana , ubageze ngamanzi.
13
Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi.
14
Ulethe amadodana akhe, uwembathise amabhantshi,
15
uwagcobe, njengalokho wamgcoba uyise , ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, ukugcotshwa kwabo kube ngubupristi obuphakade kubo ezizukulwaneni zabo.
16
Wenze njalo uMose ; njengakho konke uJehova amyale ngakho , wenze njalo-ke.
17
Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili , ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa.
18
UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo.
19
Weneka itende phezu kwetabernakele , wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose.
20
Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni , wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.
21
Wangenisa umphongolo etabernakele , wamisa isihenqo seveli , wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose.
22
Wafaka itafula etendeni lokuhlangana ohlangothini lwetabernakele olungasenyakatho ngaphandle kwesihenqo.
23
Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova , njengalokho uJehova emyalile uMose.
24
Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu.
25
Wazibeka izibani phambi kukaJehova , njengalokho uJehova emyalile uMose.
26
Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo.
27
Washisa lapho impepho yamakha athaphukayo , njengalokho uJehova emyalile uMose.
28
Walengisa iveli lomnyango wetabernakele.
29
Wabeka i -altare lomnikelo woku shiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.
30
Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne -altare, wathela kuwo amanzi okugeza.
31
OMose no -Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.
32
Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e -altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.
33
Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne -altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi.
34
Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana , nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.
35
UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana , ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.
36
Njalo lapho ifu lenyuswa etabernakele , abantwana bakwa -Israyeli baqhubekela phambili ezinkambeni zabo zonke.
37
Kepha uma ifu lingenyuswanga , babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo.
38
Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini , nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa -Israyeli ezinkambeni zabo zonke. ULEVITIKUS