Skip to Content

ULevitikusi Chapter 1

1 UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi: 2 Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi ku bo: Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova , anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu. 3 Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi , uyakunikela ngeduna elingenasici , anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana , aze amukeleke kuJehova. 4 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana. 5 Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze -altare elingasemnyango weten de lokuhlangana. 6 Uyakuhlinza umnikelo wokushiswa, awuhlahlele izitho. 7 Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo e -altare, ahlele izinkuni phezu komlilo; 8 amadodana ka -Aroni, abapristi, ahlele izitho , nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare, 9 ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi , umpristi akushise konke e - altare, kube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo , ube yiphunga elimnandi kuJehova. 10 Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi , owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngu mnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici. 11 Alihlabe ngasohlangothini lwe -altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka -Aroni, abapristi, afafaze i -altare ngegazi lalo nxazonke. 12 Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo , umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare, 13 ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi , umpristi anikele ngakho konke, akushise e -altare kube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo , ube yiphunga elimnandi kuJehova. 14 Uma umnikelo wakhe kuJehova ungumnikelo wokushiswa kwezinyoni , wonikela ngomnikelo wamahobhe noma ngowamaphuphu amajuba. 15 Umpristi awulethe e -altare, awushumpule inhloko, awushise e-altare, igazi lawo likhanyelwe ngasohlangothini lwe-altare, 16 asuse ingila nezimpaphe , akulahle ngaseceleni kwe -altare ngasempumalanga endaweni yomlotha, 17 awuqaqe ngamaphiko awo , angawudabuli kodwa ; umpristi awushise e - altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni , ube ngumnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.