U-Esteri Isahluko 8
1
Ngalolo suku inkosi u -Ahashiveroshi yanika u -Esteri, inkosikazi, indlu kaHamani isitha sabaJuda. UMoridekayi weza phambi kwenkosi, ngokuba u- Esteri wayeselandile ukuthi uyini naye.
2
Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyisusile kuH amani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wambeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.
3
U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi , wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.
4
Inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide. Wayesesukuma u-Esteri, wema phambi kwenkosi.
5
Wathi: Uma kukuhle enkosini , noma ngifumene umusa phambi kwayo , noma le nto ilungile phambi kwenkosi , uma ngithandeka emehlweni ayo , makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;
6
ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi , noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?
7
Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: Bhekani, nginike u -Esteri indlu kaHamani ; yena bamphanyekile emthini , ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.
8
Kepha lobani nani ngabaJuda njengokuhle emehlweni enu egameni lenkosi, nikunamathelise ngendandatho yenkosi, ngokuba umbhalo obhalwe egameni lenkosi wanamatheliswa ngendandatho yenkosi awunakubuyiswa muntu.
9
Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo ; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda , nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda , kusukela e -Indiya kuze kufike eKushe , izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo , nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.
10
Waloba egameni lenkosi u -Ahashiveroshi, wakunamathelisa ngendandatho yenkosi, wazithuma izincwadi ngesandla sezigijimi zamahhashi , zigibela amahhashi anejubane, amahhashi enkosi akhethekileyo,
11
inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo , bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,
12
ngosuku oluthile ezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.
13
Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba abaJuda bazilungiselele lolo suku, baziphindisele ezitheni zabo.
14
Zase ziphuma izigijimi zigibele amahhashi anejubane , amahhashi enkosi , zisheshiswa ziqhutshwa yizwi lenkosi; umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi.
15
Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe , enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.
16
AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo.
17
Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo , abaJuda babe nokuthokoza nokujabula , nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda , ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.