Skip to Content

U-Esteri Chapter 9

1 Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka -Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo , lapho kusond ela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo. 2 AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi ukuba babek e izandla kulabo ababefuna ukubalimaza ; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo. 3 Zonke izikhulu zezifunda , nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi. 4 Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi , nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke , ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo. 5 AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba , nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo. 6 EShushani endlini yenkosi abaJuda babulala , bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu. 7 Babulala noParishanidatha, noDalifoni, no-Asiphatha, 8 noPhoratha, no-Adaliya, no-Aridatha, 9 noPharimashita, no-Arisayi, no-Aridayi, noVayizatha, 10 amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni. 11 Ngalolo suku inani lababuleweyo eShushani endlini yenkosi lalethwa phambi kwenkosi. 12 Inkosi yayisithi ku -Esteri inkosikazi : AbaJuda babulele bac hitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi ? Isicelo sakho siyini ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa. 13 U-Esteri wathi : Uma kukuhle enkosini , abaJuda abaseShushani mabavunyelwe nakusasa ukwenza njengomthetho wanamuhla , aphanyekwe amadodana ayishumi kaHamani emthini. 14 Inkosi yasho ukuba kwenziwe kanjalo ; umthetho washaywa eShushani ; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani. 15 AbaJuda ababe seShushani babuth ana nangosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani , kepha ababekanga izandla zabo empangweni. 16 Abanye abaJuda ababe sezifundeni zenkosi babuthana , bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni za bo, babulala abay izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu ababazondayo , kepha ababekanga izandla zabo empangweni. 17 Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka -Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula , balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza. 18 Kepha abaJuda ababe seShushani babuthana ngolweshumi nantathu lwayo nangolweshumi nane lwayo ; ngolweshumi nanhlanu lwayo baphumula , balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza. 19 Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lw eshumi nane lwenyanga ka -Adari lube ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye. Umkhosi wePhurimi 20 UMoridekayi waziloba lezo zindaba , wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ababe sezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi, abaseduze nabakude, 21 ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka -Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke 22 njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulilen i kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu. 23 AbaJuda bakwamukela ukwenza lokho abakuqalileyo , nalokho ayekulobe kubo uMoridekayi, 24 ngokuba uHamani indodana kaHamedat ha umAgagi , isitha sabo bonke abaJuda, wayecebile ngabaJuda ukuba abachithe , waphonsa iPhure elinyinkatho ukuba abanqobe, abachithe; 25 kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi , yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lak he, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini. 26 Ngalokho babiza lezo zinsuku ngokuthi iPhurimi ngegama lePhure . Ngalokho ngenxa yawo onke amazwi aleyo ncwadi , nangenxa yalokho abebekubonile ngale ndaba, nalokho okubehleleyo, 27 abaJuda banquma bamukela , bona nenzalo yabo , nabo bonke ababezihlanganisa nabo , ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi, 28 zikhunjulwe lezo zinsuku , zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane , emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezo zinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda , nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo. 29 U-Esteri inkosikazi , indodakazi ka -Abihayili, noMoridekayi umJuda base beloba ngamandla onke ukuba baqinise le ncwadi yesibili yePhurimi. 30 Wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ezifundeni eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa zombuso ka-Ahashiveroshi, zinamazwi okuthula neqiniso, 31 ukuba aqinise lezo zinsuku zePhurimi ngezikhathi zazo ezinqunyiweyo njengokuzimisa kukaMoridekayi umJuda no-Esteri inkosikazi, nanjengalokho bezimisele bona nenzalo yabo ngendaba yokuzila ukudla nokukhala kwabo. 32 Izwi lika-Esteri laqinisa lezo zindaba zePhurimi, kwalotshwa encwadini.