Skip to Content

U-Ezra Chapter 5

1 Abaprofethi, uHagayi umprofethi noZakariya indodana ka -Ido, baprofetha kubaJuda ababekwaJuda naseJerusalema ngegama likaNkulunkulu ka - Israyeli owayephezu kwabo. 2 Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa , indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema ; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza. 3 Ngasona leso sikhathi kwafika kubo uThathenayi, umbusi phesheya koMfula, noShethati Bozenayi , nabangane babo , basho kanje kubo , bathi: Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na? 4 Khona sabatshela ukuthi angobani amagama abantu abakha le ndlu. 5 Kepha iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamalunga abaJuda , ababathiyanga, ize iye leyo ndaba kuDariyu , kubuyiselwe impendulo ngayo ngencwadi. 6 Nansi impinda yencwadi uThathenayi , umbusi waphesheya koMfula , noShethari Bozenayi , nabangane bakhe ama -Afarisaki ayengaphesheya koMfula abayithuma kuDariyu inkosi; 7 bathuma incwadi kuye okulotshwe kuyo ukuthi : KuDariyu inkosi; makube ngukuthula konke. 8 Makwazeke enkosini ukuthi saya ezweni lakwaJuda endlini kaNkulun kulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu , imithi ifakwe ezindongeni ; lo msebenzi uqhubeka ngesineke, unempumelelo ezandleni zabo. 9 Sase sibuza kulawo malunga, sasho kuwo kanje, sathi: Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na? 10 Sabuza n amagama abo ukuba sikwazise , sibhale amagama abantu ababe yizinhloko zabo. 11 Babuyisela impendulo kithi , bathi: Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa. 12 Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu , wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele , umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele. 13 Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele , uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu. 14 Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha e thempelini laseBabele , zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenze umbusi; 15 wathi kuye : Thatha lezi zitsha , uye uzibeke ethempelini eliseJerusalema , indlu kaNkulunkulu yakhiwe endaweni yayo. 16 Wayesefika lowo Sheshebasari , wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa njalo , kayikapheli. 17 Ngalokho uma kukuhle enkosini , makucingwe endlini yengcebo yenkosi elapho eBabele ukuba kunjalo yini ukuthi uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo soku ba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu eJerusalema ; inkosi mayithume kithi inhloso yayo ngalokho.