Skip to Content

U-Ezra Chapter 6

1 Khona uDariyu wakhi pha isimemezelo , kwacingwa endlini yezincwadi , lapho ingcebo yayibekelelwa khona eBabele. 2 Kwafunyanwa e -Akimetha endlini yamakhosi esezweni laseMediya umqulu okwakulotshwe kuwo isikhumbuzo sokuthi: 3 Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi , uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuthi : Ngendlu kaNkulunkulu eseJerusalema , indlu mayakhiwe endaweni lapho benik elela khona ngemihlatshelo , zibekwe izisekelo zayo , ziqine, ukuphakama kwayo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi bayo bube yizingalo ezingamashumi ayisithupha; 4 ayibe nezinhla ezintathu zamatshe amakhulu , nohla lwemithi emisha , izindleko zikhishwe endlini yenkosi; 5 futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu , uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBabele , mazibuyiswe, ziyiswe ethempelini eliseJerusalema , kube yileso naleso endaweni yaso , zibekwe endlini kaNkulunkulu. 6 Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula , nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama -Afarisaki abangaph esheya koMfula , manibe kude nalapho; 7 wuyekeni umsebenzi waleyo ndlu kaNkulunkulu ; umbusi wabaJuda namalunga abaJuda mabakhe le ndlu kaNkulunkulu endaweni yayo. 8 Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu : labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi , intela yaphesheya koMfula , ukuba bangathiywa. 9 Abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu okuyakuba yiminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wezulu , kanye nokolweni , nosawoti, newayini, namafutha, njengezwi labapristi abaseJerusalema , mabanikwe khona imihla ngemihla kungaphuthi 10 ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo. 11 Futhi ngikhiphe isimemezelo sokuthi yilowo nalowo oguqula leli zwi , makukhishwe umuthi endlini yakhe , aphakanyiswe, abethelwe kuwo , indlu yakhe yenziwe ibe yiquba ngenxa yalokho, 12 uNkulunkulu ohlalise khona igama lakhe awise phansi onke amakhosi nabantu abayakwelula izandla zabo ukuba baguqule lokho , bachithe le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema . Mina Dariyu ngikhiphe isimemezelo ; masenziwe ngaso sonke isineke. 13 Khona uThathenayi umb usi waphesheya koMfula , noShethari Bozenayi , nabangane babo benza kanjalo ngesineke sonke , ngokuba uDariyu inkosi wayethumele. 14 Amalunga abaJuda ayesakha , aba nempumelelo ngokuprofetha kukaHagayi umprofethi noZakariya indodana ka -Ido. Akha, aqeda njengokwesiyalezo sikaNkulunkulu ka -Israyeli, nanjengokwesiyalezo sikaKoresi, noDariyu, no-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya. 15 Yaqedwa leyo ndlu ngosuku lwesithathu lwenyanga ka -Adari ngomnyaka wesithupha wokubusa kukaDariyu inkosi. 16 Abantwana bakwa -Israyeli, abapristi namaLevi nabanye abathunjwa , bagcina ukuhlanjululwa kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngokuthokoza. 17 Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili , nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli. 18 Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose. 19 Abathunjwa bagcina iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala. 20 Ngokuba abapristi namaLevi babezihlambululile kanyekanye ; bonke babehlambulukile; bahlabela bonke abathunjwa iphasika , nabafowabo abapristi, bazihlabela nabo uqobo lwabo. 21 Abantwana ba kwa-Israyeli ababebuyile ekuthunjweni , nabo bonke ababezahlukanisele kubo nokungcola kwabezizwe balelo zwe ukuba bafune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli badla; 22 bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.