U-Isaya Chapter 12
1
Uyakusho ngalolo suku ukuthi : Ngiyakubonga, Jehova, ngokuba wangithukuthelela, kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.
2
Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami ; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.
3
Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.
4
Niyakusho ngalolo suku ukuthi : Bongani uJehova , nibize igama lakhe , nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe , nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.
5
Hlabelelani kuJehova, ngokuba wenzile izinto ezinkulu ; lokhu ma kwazeke emhlabeni wonke.
6
Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni , ngokuba mkhulu oNgcwele ka - Israyeli phakathi kwakho.