Skip to Content

U-Isaya Isahluko 16

1 Thumani amawundlu ombusi wezw e aphume eSela ngasehlane , aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni. 2 Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo , njengamaphuphu ahlakazekileyo , abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni. 3 Lulekanani, nenze izinqumo, ubeke isithunzi sakho njengobusuk u phakathi kwemini, nithukuse abaxoshiweyo, ningadaluli ababalekileyo. 4 Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe ; mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi. Lapho umcindezeli esephelile, nokuchitha sekuyekiwe, nabanyathelayo sebeqediwe ezweni, 5 kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga. 6 Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu , nangokuzidla kwakh e nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakh e nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo. 7 Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi ; bonke bayakuklewula . Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvin i ezomileyo zaseKhiri Hareshet i nidabukile kakhulu. 8 Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunil e kanye nomvini waseSibima ; amakhosi ezizwe achithil e amagatsha awo ; afinyelela naseJazeri , edukela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle. 9 Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibim a njengokukhala kweJazeri , ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami, nawe Elehale, ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho kuwile ukumemeza kwempi. 10 Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini ; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza. 11 Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu ngoMowabi, nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi. 12 Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala, azikhathaze endaweni ephakemeyo, aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze, angaphumeleli. 13 Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi. 14 Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa , noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.