U-Isaya Chapter 17
1
Isiprofetho ngeDamaseku. IDamaseku liyakususwa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo
2
eshiyiwe kuze kube phakade , neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona , ingesatshiswa muntu.
3
Inqaba iyakuphela kwa -Efrayimi, nombuso eDamaseku , nensali e -Aramu, kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli, usho uJehova Sebawoti.
4
Kuyakuthi ngalolo suk u udumo luka Jakobe lube buthakathaka , kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.
5
Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asem i nengalo yakhe evuna izikhwebu, kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.
6
Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu , ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi, usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
7
Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo , namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.
8
Abayikubheka ama -altare abo , umsebenzi wezandla zabo , bangabuki okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera nama-altare empepho.
9
Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya pha mbi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.
10
Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho, awukhumbulanga idwala lamandla akho ; ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi , uhlwanyele amahlumela angaziwayo,
11
ngosuku lokut shala kwakho , lapho ubiyela, nangokusa kokuhlwanyela kwakho, lapho wenza ukuba kuqhakaze , ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi nolobuhlungu obungenakupholiswa.
12
Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe ezining i ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle, nomsindo wokuxo kozela kwabezizw e abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.
13
Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi , kodwa uyakuzisola, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya, nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.
14
Ngesikhathi sokuhlwa , bheka, yingebhe; kungakasi azisekho . Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo, nenkatho yabasamukayo.