U-Isaya Chapter 18
1
Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphik o eliphesheya komfula waseKushe,
2
elithuma izigijimi ngolwandle nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi. Hambani nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo, kubantu abesabekayo lapha nasekudeni , isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula.
3
Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlaben i bhekani, lapho ibhanela liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.
4
Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje , wathi: Ngiyakubheka ngithule , ngisendaweni yami , njengokubalela okukhazimula ekukh anyeni kwelanga , njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.
5
Ngokuba kungakafiki ukuvuna , nokukhahlela sekuphelile , nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo, uyakunquma amahlumela ngawocelemba, awasike amagatsha, awasuse.
6
Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe as ezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.
7
Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawot i yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo , sivela kubantu abesa bekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo , esilizwe laso lidatshulwe yimifula , endaweni yegama likaJehova Sebawoti , intaba yaseSiyoni.