U-Isaya Chapter 22
1
Isiprofetho ngesiGodi Sombon o. Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonk e ophahleni lwezindlu
2
wena muzi ogcwele ukumemeza , oxokozelayo, muzi othokozayo , na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, kabafelanga empini.
3
Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye , zaboshwa ngaphandle kweminsalo; zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye , noma zazibalekele kude.
4
Ngalokho ngathi : Ningangibheki, ngiyakukhala ngomunyu ; ningazami ukungiduduza ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
5
Ngokuba kulusuku lokukhathazeka , nolokunyathelwa ph ansi, nolokukhungatheka, oluvela eNkosini uJehova Sebawoti esiGodini Sombono kanye nokudilizwa kwezingange nokumemeza ezintabeni.
6
I-Elamu lathwala isamb o phakathi kwezinqola , nabantu, namahhashi, neKhiri lambula isihlangu.
7
Kwathi izigodi zakho ezikhethek ileyo zagcwala izinqola , nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.
8
Wasisusa isimbozo kwaJuda; wena wabheka ngalolo suku izikhali zasendlini yehlathi.
9
Nabona imifantu emzini kaDavid e ukuthi yayiminingi , nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.
10
Nazibala izindlu zaseJerusalema, nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.
11
Futhi nenzela amanzi echibi elidala umgodi phakathi kwezingange zombili, kepha anibhekanga kumenzi walokho, animnakanga okade wakunquma.
12
Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawot i yabizela ukukhala, nokulila, nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,
13
kepha bheka , nakhu ukujabula , nokuthokoza, nokubulala izinkabi , nokuhlaba izimvu , ukudla inyama nokuphuza iwayini , ngokuthi: Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.
14
Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami , wathi: Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife, isho iNkosi uJehova Sebawoti. Isiprofetho ngoShebina no-Eliyakimi
15
Isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti , ithi: Hamba uye kuleyo nduna uShebina ophezu kwendlu, uthi:
16
Wenzani lapha , futhi unobani laph a ukuba uziqophele lapha ithuna na ? Uziqophela ithuna lakhe phezulu, uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!
17
Bheka, uJehova uyakukulahl a njengalokhu umuntu elahla , abambe nokubamba.
18
Uyakukuthandela nokuku thandela njengokuthandelweyo , akulahle njengegabade ezweni elibanzi . Uyakufela khona , lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakho wena hlazo lendlu yenkosi yakho.
19
Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho, ngikuwise endaweni yakho.
20
Kuyakuthi ngalolo suk u ngiyibize inceku yami u -Eliyakimi indodana kaHilikiya;
21
ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe , abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.
22
Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe ; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.
23
Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo , abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.
24
Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise , inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.
25
Ngalolo suku , usho uJehova Sebawoti , isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka , sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe, ngokuba uJehova ukhulumile.