Skip to Content

U-Isaya Isahluko 23

1 Isiprofetho ngeTire . Klewulani nina , Mikhumbi yaseTharishishi , ngokuba lichithekile; indlu ayisekho , nokungena akusenakwenzeka ; kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi. 2 Thulani nina enakhileyo ngasogwini , nina abathengisi baseSidoni abanigcwalisile bedabula elwandle. 3 Emanzini amaningi imbewu yaseSihor i nokuvuna kweNayile kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe. 4 Yiba namahloni wena Sidoni , ngokuba lukhulumile ulwandle , inqaba yolwandle, ngokuthi: Angibanga namihelo , angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi. 5 Lapho kubikwa eGibithe, bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire. 6 Welani niye eTharishishi; klewulani nina enakhileyo ngasogwini. 7 Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo , ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo, owayiswa kude yizinyawo zawo ukuba uhlale khona, na? 8 Ngubani ocebe lokhu ngeTire eliqhelisayo , elibathengi balo bayizikhulu , nabahwebi balo bangabadumileyo bomhlaba, na? 9 NguJehova Sebawoti okucebiley o ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba. 10 Dabula izwe lakho njengeNayile , ndodakazi yaseTharishishi ; akusekho bhande. 11 Welulile isandla sakhe phezu kolwandle , wazamazamisa imibuso; uJehova uyalezile ngeKhanani ukuba kuchithwe izinqaba zalo. 12 Wathi: Awusayikujabula wena ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKitimi; nalapho awuyikuthola ukuphumula. 13 Bheka, izwe lamaKaledi , leso sizwe esingasekho , esanqunyelwa yi -Asiriya izilwane zasehlane, limisa imibhoshongo, lizenza ize izindlu zaso zamakhosi , lenza laba yincithakalo. 14 Klewulani nina mikhumbi yaseTharishishi , ngokuba inqaba yenu ichithekile. 15 Kuyakuthi ngalolo suku iTire likhohlakale iminyaka engamashumi ayisikhombisa njengezinsuku zankosinye . Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa k uyakuba khona kulo iTire njengasesihlabelelweni sesifebe: 16 Thatha ihabhu, uhambahambe emzini wena sifebe esikhohlakeleyo, ubethe kamnandi, uhlabelele izihlabelelo eziningi, ukuze ukhunjulwe. 17 Kuyakuthi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa uJehova ahambele iTire , lona libuyele enzuzweni yalo , lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba. 18 Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova ; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.