U-Isaya Chapter 24
1
Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe, agumbuqele ubuso bawo , ahlakaze abakhileyo kuwo.
2
Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi , nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo, nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo , nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi, nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo, nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.
3
Umhlaba uyakuba yize leze , uphangwe nokuphangwa , ngokuba uJeh ova ukhulumile izwi lakhe.
4
Umhlaba uyalila , ubune; izwe liyaphela amandla , linyamalale, abaphakemeyo bomhlaba badangale.
5
Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo , ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.
6
Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba , nabakhileyo kuwo batholiswa icala ; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa , kusale abantu abayingcosana nje.
7
Iwayini elisha liyalila , umvini uyahhuma, bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.
8
Ukujabula kwezigubhu kunqamukile, ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile, nenjabulo yehabhu ikhawukile.
9
Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo ; uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
10
Umuzi oyihlane ubhidliziwe ; zonke izindlu zivaliw e ukuba kungangeni muntu.
11
Kukhalwa ngewayini ezitaladini ; yonke intokozo inyamalele ; injabulo yezwe idlulile.
12
Emzini kusele incithakalo; isango livithiziwe, lachithwa.
13
Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu , njengokushaywa kweminqumo nanjengokukhothoza, lapho sekuvuniwe.
14
Laba bayaphakamisa izwi labo , bamemeze; bajabula ngobukhosi bukaJehova entshonalanga.
15
Ngalokho mdumiseni uJehova empumalanga , nasogwini lolwandl e igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
16
Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba , athi: Udumo malu be koLungileyo! Kepha mina ngithi : Ngifile, ngifile! Maye kimi ! Abakhohlisi bakhohlisile, yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.
17
Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwakh o wena owakhileyo emhlabeni.
18
Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesab a awele emg odini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe , ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe , nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.
19
Umhlaba uyaphuka nokwaphuka , umhlaba uyavithizwa nokuvithizwa , umhlaba uyazanyazanyiswa nokuzanyazanyiswa.
20
Umhlaba uyatengezela nokutengezela njengesidakwa , uyantengantenga njengexhiba; isiphambeko siyakuba nzima phezu kwawo , uwe, ungabe usavuka futhi.
21
Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahambel e ibandla lasezulwini phezulu , namakhosi omhlaba emhlabeni.
22
Bayakubuthelwa ndawony e njengeziboshwa zibuthelwa emgodini , bavalelwe etilongweni, bajeziswe emva kwezinsuku eziningi.
23
Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza , nelanga elinkemuzelayo liyakujabha, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuba yinkosi entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, abe yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.