Skip to Content

U-Isaya Chapter 25

1 Jehova, unguNkulunkulu wami ; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso , namasu asendulo , nokuthembeka, neqiniso. 2 Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba , nomuzi obiyelweyo wab a yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi , ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade. 3 Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa , imizi yezizwe ezinonya zikwesabe. 4 Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini , umthunzi ekubaleleni , ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni, 5 nanjengokushisa endaweni eyomileyo . Uyathobisa umsindo wabafokazi ; njengokubalela ngomthunzi wefu, kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa. 6 UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonk e idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo. 7 Uyakuchitha kule ntaba ingaphandl e lesimbozo esimboza abantu bonke , nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe. 8 Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade ; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile. 9 Kuyakuthiwa ngalolo suku : Bheka, lo unguNkulunkulu wethu ; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova ; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe. 10 Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba. 11 Noma elula izandla zakhe phakathi kwaw o njengohlambayo elula ukuba ahlambe, uyakuthobisa ukuziphakamisa kwakhe kanye nobuhlakani bezandla zakhe. 12 Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakh o uyakuzibhidliza, azithobise, azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.