U-Isaya Chapter 26
1
Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi : Umuzi onamandla sinawo; uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.
2
Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.
3
Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.
4
Thembani kuJehova kuze kube phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.
5
Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu , umuzi ophakemeyo ; uyawubhidliza, uyawubhidliza kuze kube semhlabathini , awusondeze nasothulini.
6
Unyawo luyakuwunyathela phansi , izinyawo zabaswelayo, izinyathelo zabampofu.
7
Indlela yabalungileyo iqondile , umkhondo wabaqotho ulungile , uyawenza ukuba ulingane.
8
Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho , Jehova, sikuhlalele. Umphefumulo uyalangazelela igama lakho nesikhumbuzo sakho.
9
Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku , yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa , ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
10
Uma omubi ephiwa umusa , akafundi ukulunga ; ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala, angaboni ukuphakama kukaJehova.
11
Jehova, isandla sakho siphakeme , kepha kababoni ; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.
12
Jehova, uyakusimisela ukuthula ; ngokuba nayo yonke imisebenzi yeth u senzelwe yona nguwe.
13
Jehova Nkulunkulu wethu , amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile, kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.
14
Abafileyo ababuyi baphile , izithunzi azibuyi zivuke ; ngalokho wabahambela, wabachitha, wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.
15
Wandisa isizwe , Jehova, wandisa isizwe , wadunyiswa, wavula yonke imikhawulo yezwe.
16
Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela , bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.
17
Njengokhulelweyo osondela ukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu, saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.
18
Sasikhulelwe, sasinobuhlungu, sabeletha kungathi umoya nje ; asenzanga insindiso emhlabeni, nabayakwakha ezweni abasazalwa.
19
Kepha abafiley o bakho bayakubuye baphile , izidumbu zabo zivuke . Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini , ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.
20
Wozani, bantu bami , ningene emakamelweni enu , nizivalele iminyango , nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka.
21
Ngokuba bhekani , uJehova uyaphuma endaweni yakh e ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni ; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo , ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.