Skip to Content

U-Isaya Chapter 27

1 Ngalolo suku uJehova uyakuhambel a ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla uLeviyathani, inyoka esheshayo , uLeviyathani, inyoka ethandelayo, abulale udrako oselwandle. 2 Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo. Hlabelelani ngaso. 3 Mina Jehova ngingumlind i waso , ngiyakusinisela njalo ; funa soniwe , ngiyakusilinda ubusuku nemini. 4 Ukufutheka akukho kimi ; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva ! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye, 5 noma abambelele emandleni am i ukuba enze ukuthula nami , enzelane ukuthula nami. 6 Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila , u-Israyeli akhahlele , aqhakaze, bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo. 7 Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na ? Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na? 8 Ngokubamukisa nangokubaxo sha uyabajezisa ; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga. 9 Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu , lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe , lapho enza ukuba onke amatshe e - altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera nama- altare empepho. 10 Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize , nekhaya limukelwe , lishiyiwe njengehlane; ithole liyakuklaba khona , libuthise khona , lidle, liqede amahlamvu awo. 11 Lapho amagatsha awo esebunile , ayakwaphulwa, kufike abesifazan e, baphembe umlilo kuwo , ngokuba bangabantu abangenakuqonda ; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo. 12 Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe , nibuthwe abanye ng abanye nina bantwana bakwa-Israyeli. 13 Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu , kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.