Skip to Content

U-Isaya Isahluko 29

1 Wo kuwe Ariyeli , Ariyeli, umuzi lapho amisa khona uDavide . Yengezelani umnyaka emnyakeni, imikhosi iyingilize, 2 ngize ngilicindezele i-Ariyeli, kube khona ukukhala nokububula, libe njenge- Ariyeli kimi. 3 Ngiyakumisa, ngikuhaqe nxazonke zakho, ngikuvimbezele ngezinqaba , ngikumisele izindonga. 4 Uyakubhidlizelwa phansi , ukhulume usemhlabathini; ukukhuluma kwakho kuyakuthotshiselwa phansi , kuphume othulini , izwi lakho libe njengelonedlozi livela emhlabathini , ukukhuluma kwakho kubethe imiloz i othulini. 5 Kodwa isixuku sezitha zakho siyakuba njengebhuqu elicolekileyo, noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo , yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso. 6 Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama , nangomsindo omkhulu , nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangelangabi lomlilo oqothulayo. 7 Isixuku sezizwe zonke ezisukela i -Ariyeli, ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo, siyakuba njengephupho nombono wasebusuku. 8 Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla , kepha evuka usenephango, noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza, kepha evuka uyethile, womile; siyakuba njalo isixuku sezizwe zonk e ezisukela intaba yaseSiyoni. Ubumpumputhe bokomoya 9 Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthiseni, niphuphutheke; badakiwe, kepha kungengewayini, bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla. 10 Ngokuba uJehova uthulule phezu kwen u umoya wobuthongo obunzima ; uwavalile amehlo enu, usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni. 11 Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa ow azi incwadi ngokuthi : Ake ufunde lokhu , abesethi yena: Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe, 12 incwadi bese yinikwa ongayazi incwadi ngokuthi: Ake ufunde lokhu , abesethi yena: Angiyazi incwadi. 13 Yathi iNkosi : Ngenxa yokuba laba bantu besondela , bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo , kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo , nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje, 14 ngalokho ngiyakubuy e ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo , izimangaliso impela; ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela, nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka. 15 Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo, abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabasho ukuthi: Ngubani osibonayo, ngubani osaziyo, na? 16 O ukuphendukezela kwenu ! Ibumba liyak ulinganiswa nombumbi yini , ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi : Yena akangenzanga, na? noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi: Akanakuqonda, na? 17 Akuseyisikhashana nje iLebanoni lize liphenduke insimu , nensimu ithiwe ihlathi, na? 18 Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi, namehlo ezimpumputhe ayakubona, engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama. 19 Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova , nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli. 20 Ngokuba umcindezeli akasayi kuba khona , nesideleli siyakube singasekho , nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe, 21 ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje , bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho. 22 Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi: UJakobe akasayikuba namahloni, nobuso bakhe abusayikuphaphatheka. 23 Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe , umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe , bayakungcwelisa igama lami , yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe, bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli. 24 Abaduka emoyeni bayakwazi , baqonde, nabakhononayo bayakufunda , bakwamukele.