Skip to Content

U-Isaya Chapter 33

1 Wo kuwena ochithayo , kungachithwanga wena , nakuwe okhohlisayo , kungakhohliswanga wena ! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa , nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe. 2 Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka. 3 Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka ; ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka. 4 Impango iyakubuthwa njengoku butha kwecimbi , nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa. 5 UJehova uphakeme , ngokuba uhlala phezulu ; uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga. 6 Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho , ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe. 7 Bheka, amaqhawe abo akhala ngaphandle ; izithunywa zokuthula zikhala ngomunyu. 8 Imigwaqo iyize , izihambi seziphelile ; isivumelwano saphuliwe ; imizi ideleliwe; umuntu akanakekelewa. 9 Izwe liyalila , lidangele; iLebanoni linamahl oni, liyabuna; iSharoni linjengehlane, iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa. 10 Sengiyakuvuka, usho uJehova; sengiyakuphakama; sengiyakuphakanyiswa. 11 Niyakukhulelwa yizikhotha ezomileyo , nizale amabibi ; ukuphefumula kwenu kungumlilo oniqothulayo. 12 Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako, njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo. 13 Yizwani nina enikude engikwenzileyo ; nani eniseduze , vumani amandla ami. 14 Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. Ngubani phakathi kweth u ongahlala nomlilo oqothulayo ; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na? 15 Yena ohamba ngokulunga , okhuluma ngobuqotho , odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo , ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa nge gazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi, 16 yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe , aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke. 17 Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo , ayakubona izwe elelulekele kude. 18 Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi: Uphi umbhali, uphi olinganisile intela, uphi obalile imibhoshongo na? 19 Awuyikubona abantu abanobudlova , abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda. 20 Kepha bhe ka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu ; amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula , itende elingayikususwa , elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini, nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa. 21 Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi , lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini , nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo. 22 Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu , uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa. 23 Izintambo zakho ziya xega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo , azinakumeneka useyili ; khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo ; nezinyonga ziyakuthatha impango. 24 Abakhe khona abayikusho ukuthi : Ngiyagula, abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.