U-Isaya Isahluko 34
1
Sondelani nina zizwe , nizwe, nilalele nina bantu : makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.
2
Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke , ufuthekela yonke impi yazo ; uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.
3
Ababuleweyo bazo balahliwe , nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo ; izintaba zincibilika ngegazi labo.
4
Ibandla lonke lasezulwini liyaphela , izulu lisongwe njengomqulu ; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinin i nanjengokubunileyo emkhiwaneni.
5
Ngokuba i nkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini ; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.
6
UJehova unenkemba ; igcwele igazi , inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uJehova uyanikela eBosira, unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.
7
Izinyathi ziwa kanye nazo , nezinkunzana kanye nezinkunzi ; izwe labo liyakugcwala igazi, nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.
8
Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova ; ngumnyaka wokubuy isela ngendaba yaseSiyoni.
9
Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi , uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.
10
Aliyikucinywa ubusuku nemini; umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade; izizukulwane ngezizukulwane l iyakuba yize , akuyikulidabula muntu nanini nanini.
11
Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu , kwakhe kulo isikhova negwababa ; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo , nomthofu wokumisa wokuyize.
12
Phakathi kwabakhulu balo akakh o oyakumemezela umbuso , nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.
13
Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi , izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo, libe yikhaya lamakhanka negceke lezintshe.
14
Izilwane zasehlane ziyakuhlangana nezimpungushe, nedemoni liyakukhala kumngane walo, kwakhe khona umkhovu, uzitholele indawo yokuphumula.
15
Lapho umantshingeyana uyakwakha ikhaya lakhe , azalele, achamisele, afukame ngomthunzi wakhe , kubuthane khona nawonhloyile , kube yilowo nalowo nomngane wakhe.
16
Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu , ayikho eyakuswela umngane wayo , ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile , nomoya wakhe okuhlanganisile.
17
Nguye okwenzele i nkatho; yisandla sakhe esikwabele ngentambo ; kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade , izizukulwane n gezizukulwane kuyakuhlala kulo.