U-Isaya Isahluko 35
1
Kuyakujabula ihlane nogwadule , kuthokoze uqwathule , lukhahlele njengentebe.
2
Luyakukhahlela kahle , luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.
3
Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.
4
Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi : Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela , impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.
5
Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu.
6
Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele , nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi , nemifudlana kwahlongasibi.
7
Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi , isigagadu sibe yimithombo yamanzi; ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khon a kuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.
8
Kuyakuba khona umend o nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele ; ongcolileyo akay ikuhamba ngayo , kepha iyakuba ngeyabantu bakhe ; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.
9
Akuyikuba khona lapho ingonyama , nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona ; lokho akuyikufunyanwa khona , kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.
10
Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuy a baye eSiyoni ngokwethaba , intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo ; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.