U-Isaya Isahluko 37
1
Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho , yaklebhula izingubo zayo , yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.
2
Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka , ku-Isaya umprofethi , indodana ka-Amose.
3
Bathi kuye : Usho kanje uHezekiya , uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa , ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni , kepha amandla okubeletha awakho.
4
Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase -Asiriya, inkosi yakhe , ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo ; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.
5
Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,
6
u-Isaya wathi kuzo : Niyakusho kanje enkosini yenu , nithi: U sho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase - Asiriya ezingithuke ngawo.
7
Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo , izwe amahemuhemu , ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.
8
Wayesebuya uRabi Shake , wafumana inkosi yase -Asiriya ilwa neLibina , ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.
9
Kepha isizwile ngoTirahaka , inkosi yaseKushe , ukuthi: Uphumile ukulwa nawe, lapho ikuzwa lokho, yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:
10
Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.
11
Bheka, wena uzwile okwenziwa ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?
12
Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba , iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari bazophula na?
13
Iphi inkosi yaseHamati , nenkosi yase -Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva na?
14
UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.
15
UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi:
16
Jehova Sebawoti , Nkulunkulu ka -Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi , wena unguNkulunkulu , wena wedwa , wemibuso yonke yomhlaba , wena wenzile izulu nomhlaba.
17
Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
18
Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase -Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo,
19
alahlile onkulunkulu bawo emlilweni , ngokuba babengesibo onkulunkulu , babe ngumsebenzi wezandla zomuntu ku phela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.
20
Manje, Jehova Nkulunkulu wethu , sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.
21
U-Isaya indodana ka -Amose wathumela kuHezekiya , wathi: Usho kanje uJehova uNku lunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya,
22
nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi : Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni ; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.
23
Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho , wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!
24
Ngesandla sezinceku zakho uyijivazile iNkosi, wathi: Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintaben i ngaphakathi kweLebanoni ; ngigawula imisedari yalo emide nemisayipuresi yalo ekhethekileyo ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.
25
Ngemba, ngaphuza amanzi ; ngomisa ngamathe onyawo lwam i yonke imifula yaseGibithe.
26
Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.
27
Abakhe kuyo babe namandla amancane , besaba, bajabha; baba njengotshani basendle , nembali notshani obuluhlaza , nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu, namabele ahamukile engakakhuli.
28
Kepha ukuhlala kwakho , nokuphuma kwakho , nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.
29
Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami , nangokuba ukuzidla kwakh o kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akh o netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.
30
Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe : Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane , nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
31
Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseley o bayakubuye bagxile p hansi, bathele izithelo phezulu.
32
Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insal i nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.
33
Ngalokho usho kanje uJehova ngenk osi yase -Asiriya, uthi: Ayiyikungena kulo muzi , ayiyikucibishela mcibisholo khona ; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.
34
Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo ; ayiyikungena kulo muzi , usho uJehova.
35
Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.
36
Kwaphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase -Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.
37
Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.
38
Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe , o-Adirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba , babalekela ezweni lase - Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.