Skip to Content

U-Isaya Chapter 38

1 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula , wayephansi kokufa . Kwafika kuye u - Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda. 2 UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, 3 wathi: Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo , ngenzile okuhle emehlweni akho. Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu. 4 Lafika ku-Isaya izwi likaJehova, lathi: 5 Hamba, uthi kuHezekiya : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu. 6 Ngiyakophula wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi. 7 Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo: 8 bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika - Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi . Ilanga labuya -ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo. Ihubo likaHezekiya 9 Ihubo likaHezekiya inkosi yakwaJuda lapho wayekade egula , wasinda ekuguleni kwakhe: 10 Ngathi: Ngiphakathi nezinsuku zam i ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami. 11 Ngathi: Angiyikumbona uJehova , uJehova ezweni labaphilayo ; angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe. 12 Idokodo lami lisishuliwe , lasuswa kimi njengetende lomalusi ; ngisongile ukuphila kwami njengomaluki ; uyanginquma esalukweni ; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda. 13 Ngakhala kwaze kwaba sekuseni ; njengengonyama uyaphula onke amathambo ami; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda. 14 Ngatshiyozisa okwenkonjane , ngaliliselisa okwejuba ; amehlo ami aphela ngokubheka phezulu; Nkosi, ngiyacindezelwa; yiba yisibambiso sami. 15 Ngingakhuluma ngithini na ? Ukhulumile kimi , ukwenzile yena . Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka ngomunyu womphefumulo wami. 16 Nkosi, abantu baphila ngalo kho, nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele; ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise. 17 Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu ; wena wawuthanda umphefumulo wami , waze waphuma egodini lokubhujiswa , ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami. 18 Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi , nokufa akukudumisi ; abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho. 19 Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho. 20 UJehova uyakungisindisa ; ngalokho siyakubetha n gezingubhu ezinezintambo zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova. 21 U-Isaya wathi : Mabathathe isigaxa samakhiwane , basibeke ethumbeni, uyakusinda. 22 Kepha uHezekiya wathi : Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?