U-Isaya Chapter 43
1
Kepha manje usho kanje uJe hova owakudalayo wena Jakobe , nowakubumba wena Israyeli, uthi: Ungesabi ngokuba ngikuhlengile , ngikubizile ngegama lakho; ungowami.
2
Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.
3
Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho , oNgcwele ka -Israyeli, uMsindisi wakho ; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho , iKushe neSheba esikhundleni sakho.
4
Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami , futhi ubudumile , uthandekile kimi, ngiyakunika a bantu esikhundleni sakho , nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
5
Ungesabi, ngokuba nginawe ; ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga, ngikubuthe nasentshonalanga.
6
Ngiyakusho kuyo inyakatho , ngithi: Balethe, nakuyo iningizimu : Ungabagodli. Lethani amadodana ami akude , namadodakazi am i ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,
7
onke abizwe ngegama lami , nengiwadalele inkazimulo yami , engiwabumbile nengiwenzile.
8
Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlo nezithulu ezinezindlebe.
9
Izizwe zonke mazibuth elwe ndawonye, abantu bonke babuthane ; ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu , asizwise izinto zakuqala ; mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe, bezwe, bathi: Kuyiqiniso.
10
Ningofakazi bami , usho uJehova , nenceku yami engiyikhethiley o ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye ; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona.
11
Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.
12
Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile, kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phaka thi kwenu ; yebo, ningofakazi bami , usho uJehova , mina nginguNkulunkulu.
13
Yebo, kwasendulo nginguye ; akakho ongophula esandleni sami ; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?
14
Usho kanje uJehova , uMhlengi wenu, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yenu ngithumele eBabele, ngiyakwehlisa bonke njengababaleki , namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.
15
NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.
16
Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle , nomkhondo emanzini anamandla,
17
okhipha izinqola namahhashi, impi namandla ; kuyalala kanyekanye , akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo.
18
Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo.
19
Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.
20
Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlan e nemifula kwahlongasib i ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,
21
laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.
22
Kepha awungibizanga, Jakobe, ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.
23
Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa , awungidumisanga ngemihlatshelo yakho ; angikukhonzisanga ngeminikelo , angikudinisanga ngenhlaka.
24
Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemal i, awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho , kepha ungisebenzisile ngezono zakho , ungidinisile ngobubi bakho.
25
Mina, mina nginguy e owesula iziphambeko zakho ngenxa yami ; angiyikukhumbula izono zakho.
26
Ngikhumbuze, masahlulelane; yisho wena ukuba ulungisiwe.
27
Uyihlo wokuqala wona, abahumushi bakho bangihlubukile.
28
Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele , ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.