U-Isaya Isahluko 44
1
Kepha yizwa manje, Jakobe, nceku yami, wena Israyeli engikukhethileyo.
2
Usho kanje uJehova owakudalayo , wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.
3
Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo , nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;
4
bayakuhluma phakathi kotshan i njengeminyezane ngasemifudlaneni yamanzi.
5
Omunye uyakuthi : NgingokaJehova; omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye azilobele uJehova esandleni sakhe , azidumise ngegama lika-Israyeli. UJehova yedwa unguNkulunkulu
6
Usho kanje uJehova , iNkosi ka -Israyeli, noMhlengi wakhe , uJehova Sebawoti, uthi: Ngingowokuqala, ngingowokugcina, ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.
7
Ngubani ongabiza njengami , akumemezele, akubeke phambi kwa mi, kusukela ekusekeleni kwami abantu basendulo , na? Yebo, okuzayo nokuyakwenzeka mabakumemezele.
8
Ningesabi, ningabi naluvalo; angithi ngikuzwisile kusukela endulo , ngakumemezela, na? Nina ningofakazi bami . Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Cha, alikho iDwala; angilazi. Izithombe
9
Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke ; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.
10
Ngubani owenzile uNkulunkulu, ngubani obumbile isithombe esibaziwey o esingesokusiza na?
11
Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha , nezisebenzi zingabantu nje . Mabahlangane bonke, beme; bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.
12
Umkhandi wensimbi wenza imbazo , asebenze emalahleni , ayibumbe ngezando, ayisebenze ngamandla ezingalo zakhe ; uyalamba, angabikho amandla; akaphuzi amanzi, uyadangala.
13
Umbazi uyelula intambo, adwebe umuthi ngokubomvu, awenze ngezibazo, adwebe ngekompasi , awenze ngomfanekiso womuntu , ngobuhle bomuntu , ukuba uhlale endlini.
14
Uyazigawulela imisedari, athathe imikhoba nama -oki, awaqinise phakathi kwemithi yehlathi; uyatshala umfire, imvula iwukhulise.
15
Bese kuba ngokomuntu ukuba abase ngakho ; uthatha kuwo , othe; uyawuphemba, enze isinkwa ; wenza unkulunkulu , akhuleke kuye , enze nesithombe esibaziweyo, akhothambele kuso.
16
Ushisa inxenye yawo emlilweni ; phezu kwale nxenye uyadla inyama , ose izoso, asuthe; yebo, uyotha athi: Halala! Sengifudumele, ngibonile umlilo.
17
Ngokuseleyo kuwo uyakwenza unkulunkulu nesithombe ; uyakhothamela kuso, akhuleke kuso, athandaze kuso, athi: Ngophule; ungunkulunkulu wami.
18
Abazi, abaqondi, ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni , nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.
19
Akakho okhumbulayo , nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe : Ngishisile inxenye yawo ngomlilo , ngenzile isinkwa phezu kwamala hle awo, ngosile inyama , ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso , ngikhothamele umbhuku womuthi, na?
20
Udla umlotha ; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile ; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi : Akukho yini amanga kwesokunene sami na? Intokozo ngokuhlengwa kuka-Israyeli
21
Khumbula lezi zinto , Jakobe, wena Israyeli , ngokuba uyinceku yami ; ngikubumbile, uyinceku yami; Israyeli, angiyikukhohlwa.
22
Ngesulile iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengemilaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.
23
Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba , niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba , nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe , ngokuba uJehova umhlengile uJakobe , ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli. UKoresi umalusi
24
Usho kanje uJehova uMhlengi wakh o nowakubumba kwasesiswini , uthi: NginguJehova owenza konke , oweneka izulu yedwa , nowendlala umhlaba ngokwakhe,
25
oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga , enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakan iphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;
26
ogcwalisa izwi lenceku yakhe , afeze ukululekana kwezithunywa zakhe , oshoyo ngalo iJerusalema , athi: Liyakuba nabantu , nangemizi yakwaJuda ukuthi: Iyakwakhiwa, ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;
27
oshoyo kuwo umsinga ukuthi: Yisha, ngiyakomisa imifula yakho;
28
oshoyo ngoKoresi ukuthi: Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.