Skip to Content

U-Isaya Chapter 46

1 UBeli uyaguqa , uNebo uyakhothama; izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo; enibathweleyo bangumthwalo , banzima ezilwaneni eziyethileyo. 2 Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye , azinakuwukhulula umthwalo ; nabo uqobo baya ekuthunjweni. 3 Ngilalele wena ndlu kaJakobe , yonke insali yendlu yakwa -Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni. 4 Noze niguge , nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga , ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu , futhi ngiyakunetshatha , yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule. 5 Niyakungifanisa, ningilinganise nobani , ningiqathanise nobani ukuba sifanane na? 6 Abathulula igolide esikhwameni yini , balinganise isiliva esilinganisweni , baqashe umkhandi wes iliva ukuba enze unkulunkulu , bese bekhothama , bakhuleke, na? 7 Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona, angabe esasuka endaweni yakhe ; kepha uma umuntu ekhala kuye , akayikumphendula, angamsindisi osizini lwakhe. 8 Khumbulani lokhu, nime niqinile , nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi. 9 Khumbulani izinto zakuqala zamandulo , ngokuba nginguNkulunkulu , akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami, 10 engimemezela ngaphambili okuyakuza , nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami, 11 mina engibiza inqe empumalang a nomuntu wecebo lami ezweni elikude ; yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza. 12 Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo, enikude nokulunga. 13 Ngiyakusondeza ukulunga kwami , akukude, insindiso yami ayiyikulibala ; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.